
IQEMBU i-Action SA imemezele obeyikhansela le-ANC kuWard 19, uMnu Thamsanqa Mthiyane ongenele umjaho wokuba yimeya yaseMhlathuze.
Lokhu kwenzeke njengoba leli qembu limatasa nokuveza amakhansela azolimela okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngoNovember 4.
UMthiyane umenyezelwe nabanye abangenele ukhetho lokuba ngamakhansela kumaWard ehlukene eMhlathuze nakumkhandlu weTheku. Umenyezelwa kwi-Action nSA nje uvele uyikhansela elisesikhundleni elangena liyi-ANC.
Leli qembu limemezela uMthiyane nje belisanda kumemezela amanye amalungu aqhamuka kumaqembu ehlukene aselijoyinile. Kuwona kubalwa nagqamile kumaqembu awo okukhona kuwona uMnu Jay Singh oyikhansela le-United Independent Movement (UIM), uNkzThabisile Gloria Zungu oyikhansela le- ANC, uMnu Tula Movie ongumholi kwiMK Party (MKP) eNtuzuma noMnu Nkosingiphile Godlwana owayeyikhansela le-FF.
Ngokujoyina kwabo i-Action SA ibonga ukukhula kwayo kwezepolitiki nokuzimisela ukusebenzela abantu.
Kungekudala leli qembu lisanda kuvala isikhala sikaMnu Halalisani Ndlovu owayemenyezelwe njengongenele esokuba yiMeya kwaDukuza kodwa wavumbuka kwiDA esemele yona njengozoba yimeya kulo masipala.
Ngokuhamba kukaNdlovu i-Action SA ayifunanga ukuchaza okuningi yathi izizathu zokuhamba kwakhe zaziwa uyena kodwa ayikhathazekile ngoba iningi lamalungu ayo akulungele ukuba ngabaholi.







