Ilanga News
Home 9 Featured 9 OKlebe bacela ukufuniswa osolwa ngokubulala isikhulu samaphoyisa

OKlebe bacela ukufuniswa osolwa ngokubulala isikhulu samaphoyisa

by | 21 February 2025

UPHIKO loKlebe eMpumalanga lunxusa umphakathi ukuba usize ngokufuniswa uMnu Prince Gift Mdluli ongumsolwa ecaleni ecaleni lokubulala isikhulu samaphoyisa.

Ngokusho koKlebe uMdluli usolwa ngokubulala uLieutenant Colonel Piet Pretorius ngomhla ka-16 kuJanuary 2024.

UPrtorius wabe enguKhomanda ophikweni lokuphenya ngokwebiwa kwezimoto e-Ermelo ngesikhathi ebulawa.

Aveze ukuthi esekunencwadi egunyaka ukuthi uMdluli aboshwe.

Ngokolwazi oluqukethwe ngamaphoyisa uMdluli wagcina ukubonakala ezindaweni iBergville, Howick naseMzikhulu KwaZulu Natal.

Kubikwa ukuthi noma ngabe ubani ongaba nolwazi lokuthi ukuziphi izinkalo uMdluli axhumane nomphenyi waleli cala uCaptaine Jacob Ras kule nombolo yocingo 082 462 0760.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...