Ilanga News
Home 9 Featured 9 OKlebe bacela ukufuniswa osolwa ngokubulala isikhulu samaphoyisa

OKlebe bacela ukufuniswa osolwa ngokubulala isikhulu samaphoyisa

by | 21 February 2025

UPHIKO loKlebe eMpumalanga lunxusa umphakathi ukuba usize ngokufuniswa uMnu Prince Gift Mdluli ongumsolwa ecaleni ecaleni lokubulala isikhulu samaphoyisa.

Ngokusho koKlebe uMdluli usolwa ngokubulala uLieutenant Colonel Piet Pretorius ngomhla ka-16 kuJanuary 2024.

UPrtorius wabe enguKhomanda ophikweni lokuphenya ngokwebiwa kwezimoto e-Ermelo ngesikhathi ebulawa.

Aveze ukuthi esekunencwadi egunyaka ukuthi uMdluli aboshwe.

Ngokolwazi oluqukethwe ngamaphoyisa uMdluli wagcina ukubonakala ezindaweni iBergville, Howick naseMzikhulu KwaZulu Natal.

Kubikwa ukuthi noma ngabe ubani ongaba nolwazi lokuthi ukuziphi izinkalo uMdluli axhumane nomphenyi waleli cala uCaptaine Jacob Ras kule nombolo yocingo 082 462 0760.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...