Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuningi ukudideka ngokungeniswa kwabadala ekhaya

Kuningi ukudideka ngokungeniswa kwabadala ekhaya

by | 8 April 2026

SIGCINE ngokwethula umuzi wonke, saze sasho nokuthi uma uqala ubeka umuzi enxiweni elisha osuke uliphumile, ukhshwa nguyihlo, indlu yokuqala emiswayo indlu kamama wakho. Umuzi-ke akuwona owakho, kodwa ngowabaphansi, okungamathongo kumbe idlozi. (Nokho kunomehluko phakathi kwethongo nedlozi, lokhu siyokuchaza kahle uma sesifike kuleyo ndima yokukhuluma ngakho).

Uma ubaba akha umuzi ebambisene nomama wekhaya, nawo akuwona owakhe uwunikezwe ngamathongo, ungokayise. Kunezinto osekuyaye azenze eziyisintu ukuze umuzi uphile, ube nesithunzi nezinhlanhla zingene ekhaya. Into yokuqala eyenziwayo ukutshengisa ukuthi lo muzi ungowamathongo, wukungenisa abadala phakathi kwamagceke. 

Ukungeniswa kwabadala:
Ukungeniswa kwabadala kuseyindida kwabaningi ngoba yilowo nalowo usho akuthandayo. Okokuqala, uma indodana isiphuma ekhaya, uyise uyikhipha inxiwa ngokuba ayoyibeka, ayihlabele isoyi lapho iyokwakha khona. 

Iyokuthi ingaqeda ukwakha lezo zindlu ezidingekayo zomuzi, bese uyise ewubika umuzi wendodana ngokuyingenisela abantu abadala. Ukungenisa ubantu abadala wumsebenzi kayise womfana, ngoba nguyena kuphela ongakwazi ukubika emathongweni. 

Uma abazali bengagcagcanga, umfana engumlanjwana wenzelwa nguninalume. Uma kubona bobabili kungasekho muntu, wenzelwa ngoninalume abangaba osibongo-fanana. Uma uzalelwe emshadweni uyihlo engasekho, ungakhishwa ngabanye obaba emndenini (omncane noma omdala). 

Okufanele sikukhumbule kukhona konke lokho, abantu abasuke bezongeniswa, bangeniswa endlini okuyiyona undodana aqala ngayo ukwakha, lapho kwakhiwa igunjana  emuva nayo, kuthiwa umsamo. Le ndlu inezinto zonke: insika, ithala, isilili sabesilisa nabesifazane, neziko. Laphaya ngasemnyango kukhona isithumbanja. Ngenhla kwaso kuba khona isikhuleka mankonyane ngoba, kuthi uma kuzele inkomo inkonyane lingeniswe likhulekwe khona. 

Uma uyise womfana noma uninalume engenisa abadala, kuyiwa emsamo nembuzi yesilisa ekhaya elikhulu, kufike kubikwe kwabadala ukuthi nina bakosibanibani, amakhehla abizwe ngamagama, sicela ukuba sihambe siyongena emzini eniwuphe umntwana. Isiyothathwa leyo mbuzi ihlatshwe, kuthathwe kuyona uhlangothi  lusongwe ngesikhumba, kuhanjwe nalo sekuyiwa kulo muzi obikwayo. Sekuzofike kungenwe nalolu hlangothi lusesikhumbeni sembuzi, kuyiwe emsamo, lapho kuzothathwa izimbuzi ezimbili eyesilisa neyesifazane, kukhulekwe kuthiwe nasi isithebe esiningenisa ngaso. 

Kwakwehluka-ke nakhona emandulo, uma umfana emi kahle, wayenza lezo zimbuzi bese eleka ngenkomo, athi ungenisa izidalwa/abaphansi noma ubika umuzi. Lapho sekuyokube bangenile abaphansi. 

Lo msebenzi wokungenisa abaphansi usemqoka ngoba ugcwalisela ukuthi usulikhombisile ithongo ukuthi uma kufanele lize kuwena likukhanyisele noma lilethe izinhlanhla, kufanele libhekephi. Okwesibili, kwawena uma sekukhona izinto ofisa ukuzigcina ngokwabaphansi, wenzela kuphi. 

Lokhu-ke kusemqoka ngoba uma kuke kwaphambuka, kwangenzeka ngokuyikho, kulapho kuqala khona izinkathazo ekhaya kumbe emndenini. Kuningi ukudukiseka osekukhona namhlanje ngokungenisa abadala/ukubika umuzi. 

UKUDIDEKA NGOKUBIKA UMUZI: 
Namhlanje usuthola umuntu ethi ngibangenisile abadala ngawubika umuzi, ngibamemeze entabeni kumbe olwandle, kokunye emoyeni, esangweni, ngathi mabangene. Osekwandile wukuthi bangeniswe ngumelaphi, umthandazi kumbe umfundisi. Baningi asebegileke ngenxa yokweswela  kumbe yokungatshaleki kolwazi oluyilo. 

Okufanele sikwazi:
Awukwazi ukuyelwa ngomunye umuntu egunjini lo msamo ngoba nguwena kuphela ovumeleke ukuguqa uzethule kulelo gumbi. Uma sebengenisiwe abaphansi, umuzi uyahlonishwa kakhulu. Sikhumbule umsebenzi omkhulu wabaphansi wukwelusa umuzi abasuke bengeniswe kuwona. Umuzi uyagadwa, hhayi ngokubethela kodwa ugadwa ngabanikazi bawo, abasuke bengeniswe kuwona. 

Namhlanje imizi eminingi ibetheliwe, kuthiwe kuvikwa imimoya emibi, kodwa ikati liqhubeke lilale eziko. Uma sebengenisiwe abadala, ukuze bakhuthazwe, benzelwa utshwala, banikwe inyama ngeziindlela ezehlukene. Imicimbi yesintu iyaziwa okufanele igcinwe. 

Kokunye umnumzane azenzele yena ebonga, kokunye ecela. Kuyenzeka nalo ithongo lizicelele ukudla bese lenzelwa ngoba kuyaziwa umuzi ngowalo, lingenisiwe, ukuze nalo likhuthale lilethe izinhlanhla. Impilo yonke-ke yamaZulu iyimpilo yokwazi abaphansi/amathongo, esikholewa kakhulu ukuthi ahlale esibhekile.

• Bhedlindaba  “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Umsamo Institute/ EMlambomunye
www.umsamo.org.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...