Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Libuyele kuMdaka iketango lobumeya eMkhanyakude

Libuyele kuMdaka iketango lobumeya eMkhanyakude

by | 27 November 2025

ABELANE ngezikhundla ezibalulekile kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude amaqembu obesekuphele isikhathi eside ebanga amandla okuhola lomkhandlu. 

Kusukela ngonyaka ka-2021 ubuphethwe yi-ANC ngokubambisana ne-NFP. I-ANC, EFF kanye ne-IFP ahlangane kwakhiwa uhulumeni woMkhandlu ohlanganisa lawa amaqembu. Ezinyangeni ezimbili ezedlule kubanjwe umhlangano wamakhansela okuyilapho khona kuthathwe isinqumo sokuba kushenxiswe uMnu Sphile Mdaka ngevoti lokungethenjwa kobuholi bakhe. 

Esikhundleni sakhe kufakwe uMnu Comfort Khumalo oyimeya yaseBig 5 Hlabisa. Namuhla ngoLwesine kubanjwe omunye umhlangano okuyilapho khona kuthathwe isinqumo sokuba kubuyiselwe uMdaka esikhundleni sakhe sobumeya kulo mkhandlu.

UMdaka ungomunye wabaholi abaqavile ku-ANC ngaphansi kwesiFunda iNokuhamba Nyawo. Wesekwe nguMnu Simosakhe Mthembu ongumholi we-EFF eMkhanyakude. Esikhundleni sikasomlomo woMkhandlu kuqokwe uMnu Petros Madlopha ongumholi we-IFP. 

UMnu Mike Mabuyakhulu ongumholi wesikhashana wesigungu esiqokelwe ukubuyisa uzinzo ku-ANC esiFundazweni iKwaZulu-Natal ubekhona emhlanganweni woMkhandlu. Uthe ngokwabo babona ukuthi kwenzeke ubulungiswa ngokubuyiselwa kukaMdaka.

“Kwasekuqaleni kwaba nokuphazama okukhulu ngokuthi kukhishwe esikhundleni uMdaka. Ungumholi esimethembeyo futhi owenza lokho okudingwa ngabantu. Ukubuyiselwa kwakhe kusho ukufezeka kwezidingo zomphakathi,” kusho uMabuyakhulu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...