Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kunxuswa abaphase u-matric ukufundela imikhakha ezobaphilisa

Kunxuswa abaphase u-matric ukufundela imikhakha ezobaphilisa

by | 14 January 2025

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli.

UFISA lifinyelele kumamaphesenti angaphezu kuka-90 izinga lokuphasa kwabafundi bakamatikuletsheni uMnu Thami Ntuli, onguNdunakulu waKwaZulu-Natal.

UNtuli uveze lokhu ngesikhathi ebongela abafundi abenze kahle ezifundweni zabo, emcimbini wokwethula ngokusemthethweni imiphumela kaMatric ka-2024 ohlelwe uMnyango weMfundo esifundazweni.

Kuwo lo mcimbi, uNgqongqoshe weMfundo esifundazweni uMnu Sipho Hlomuka wethule imiphumela ka-89,5%, eyenze lesi sifundazwe salala isibili kuzwelonke, silandela iFree State. UHlomuka uveze ukuthi bangaphezu kuka-140 000 abafundi abaphasile kwabangu-162 000 ababhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

UNtuli uncome igalelo lothisha, wathi akangabazi ukuthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi u-matric wakulo nyaka uphasa wedlule u-90%.

“Konke lokhu kuwumsebenzi wothisha, kubalulekile ukuthi ngidlulise ukubonga kubo. Nami ngike ngaba wuthisha, ngyabazi ubunzima ababhekana nabo, njengoba kuyaye kuphoqe ukuthi bachithe isikhathi esiningi emsebenzini kunemindeni yabo,” esho.

Eqhuba uNtuli, unxuse abafundi abaphumelele ukuba babambe wonke amathuba aqhamukayo ukuze babe nekusasa elingcono. Uthe ngenxa yokushoda kwamathuba emisebenzi ezweni, abafundi kumele bakhethe imikhakha yemfundo abazokwazi ukuziphilisa ngayo uma bengayitholi imisebenzi.

“Ngifisa abafundi bakhethe imikhakha yemisebenzi abangakwazi ukuziphilisa ngayo okungaba ezobuchwepheshe, noma engabenza osomabhizinisi ngoba isimo sezwe kasisihle ngasemathubeni emisebenzi. Kasifisi ukuthi kube khona izingane ezizofundela ukuhla emakhaya, zingenzi lutho,” kusho uNtuli.

Nakuba kuwumcimbi wezemfundo, uNtuli uphethe ngonxusa izakhamizi zesifundazwe ukuba zibambisane kuliwe nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...