Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kunxuswa abaphase u-matric ukufundela imikhakha ezobaphilisa

Kunxuswa abaphase u-matric ukufundela imikhakha ezobaphilisa

by | 14 January 2025

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli.

UFISA lifinyelele kumamaphesenti angaphezu kuka-90 izinga lokuphasa kwabafundi bakamatikuletsheni uMnu Thami Ntuli, onguNdunakulu waKwaZulu-Natal.

UNtuli uveze lokhu ngesikhathi ebongela abafundi abenze kahle ezifundweni zabo, emcimbini wokwethula ngokusemthethweni imiphumela kaMatric ka-2024 ohlelwe uMnyango weMfundo esifundazweni.

Kuwo lo mcimbi, uNgqongqoshe weMfundo esifundazweni uMnu Sipho Hlomuka wethule imiphumela ka-89,5%, eyenze lesi sifundazwe salala isibili kuzwelonke, silandela iFree State. UHlomuka uveze ukuthi bangaphezu kuka-140 000 abafundi abaphasile kwabangu-162 000 ababhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

UNtuli uncome igalelo lothisha, wathi akangabazi ukuthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi u-matric wakulo nyaka uphasa wedlule u-90%.

“Konke lokhu kuwumsebenzi wothisha, kubalulekile ukuthi ngidlulise ukubonga kubo. Nami ngike ngaba wuthisha, ngyabazi ubunzima ababhekana nabo, njengoba kuyaye kuphoqe ukuthi bachithe isikhathi esiningi emsebenzini kunemindeni yabo,” esho.

Eqhuba uNtuli, unxuse abafundi abaphumelele ukuba babambe wonke amathuba aqhamukayo ukuze babe nekusasa elingcono. Uthe ngenxa yokushoda kwamathuba emisebenzi ezweni, abafundi kumele bakhethe imikhakha yemfundo abazokwazi ukuziphilisa ngayo uma bengayitholi imisebenzi.

“Ngifisa abafundi bakhethe imikhakha yemisebenzi abangakwazi ukuziphilisa ngayo okungaba ezobuchwepheshe, noma engabenza osomabhizinisi ngoba isimo sezwe kasisihle ngasemathubeni emisebenzi. Kasifisi ukuthi kube khona izingane ezizofundela ukuhla emakhaya, zingenzi lutho,” kusho uNtuli.

Nakuba kuwumcimbi wezemfundo, uNtuli uphethe ngonxusa izakhamizi zesifundazwe ukuba zibambisane kuliwe nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...