Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-ANC ikhale ngoButhelezi iqeda izinsuku eziwu-100 kuhulumeni wobumbano

I-ANC ikhale ngoButhelezi iqeda izinsuku eziwu-100 kuhulumeni wobumbano

by | 4 November 2024

LUCKY CAIN

UCHAZWE yi-ANC KwaZulu-Natal njengomuntu okhonze uqhekeko – ongalukhuthazi ubumbano – uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kulesi sifundazwe, uMfu Thulasizwe Buthelezi. Lokhu kushiwo ngusihlalo waleli qembu kulesi sifundazwe, uMnu Siboniso Duma ngesikhathi ephawula ngezinsuku eziwu-100 i-ANC iyingxenye kahulumeni wobumbano. Uthe nakuba besebenzisana kahle ne-IFP, iDA neNFP kodwa kunabaholi abathile abakhethe ukuphuma eceleni.

UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal.

Uzwakalise ukukhathazeka kwe-ANC esifundazweni ngesenzo sikaMfu Buthelezi, ikakhulukazi sokuxosha nokumisa izinduna. Uthembise ukuthi bazoxoxa nobuholi be-IFP ngodaba oluthinta lo mholi. Uthe bayakujabulela ukusebenza kulo hulumeni futhi bazohlala kuwona kuze kuphele iminyaka ewu-5.

Unobhala waleli qembu, uMnu Bheki Mtolo, uveze ukuthi okunye okubamangazile ngoMfu Buthelezi wudaba lwesithombe sakhe emalolini amanzi. Uthe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi lo mnyango usewuphendule wawenza waba ngaye. Isekela-sihlalo le-ANC kulesi sifundazwe, uNkk Nomagugu Simelane, lithe selokhu uMfu Buthelezi wathatha izintambo kulo mnyango uhlale ehlasela bonke omasipala abaholwa yi-ANC.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...