Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-SABC isiphawulile ngesisebenzi sayo esisuse uthuthuva ebhanoyini

I-SABC isiphawulile ngesisebenzi sayo esisuse uthuthuva ebhanoyini

by | 28 December 2024

Inhlangano yezokusakaza eNingizimu Afrika i-SABC isizwakalise ukukhathazeka ngesisebenzi sayo esibonakale kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana sixabana nezisebenzi zebhanoyo i-Flysafair ebelisuka eThekwini lilibangisa eCape Town.

Kusukela ngosuku lweBoxing Day kusabalale i-video yalesi sisebenzi iphazamisa ukusebenza kwezisebenzi zasebhanoyini.

Kukhona nalapho siseveza khona ukuthi siyilungu lenhlangano yezepolitiki i-ANC. Kuvele ukuthi lona wesifazane obesengasalawuleki uyisisebenzi sakwa-SABC njengoba kugcine kuphoqa ukuthi abizelwe amaphoyisa uma ibhanoyi selithe cababa eCape Town.

Esitatimendeni esikhishwe yile nhlangano iveze ukuthi ikhathazekile ngokusabalala kwale video eveza isisebenzi sayo.

Ithe iyazisola ngalesi senzo salesi sisebenzi njengoba ihlale ikukhuthaza ukuthi izisebenzi zayo ziziphathe ngendlela ebeka isithunzi sayo phambili.

Kwenye yama-video lona wesifazane uzwakala ebalula i-SABC lapho eveza khona ukuthi lesi sigameko sizosakazwa ezinhlelweni zezindaba zale nhlangano.

I-SABC iziqhelelanisile nale nkulumo yaveza ukuthi izinhlelo zayo zezindaba zizimele futhi kazidingidwa nezisebenzi ezingekho kuzona.

Iqhube ngokuthi izolandela imigudu yangaphakathi ukuxhumana nalesi sisebenzi bese ilandela yonke imithetho efanele ngalesi sigameko.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...