Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-ANC ilinde umbiko ngongqongqoshe ‘othuke ilungu lomphakathi’

I-ANC ilinde umbiko ngongqongqoshe ‘othuke ilungu lomphakathi’

by | 15 September 2026

UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula uthi ulinde umbiko ogcwele kuNgqongqoshe wezaManzi nokuQoqwa kweNdle, uNkk Pemmy Majodina (osesithombeni) emuva kokusabalala kwe-video lapho ezwakala ethuka ilungu lomphakathi elibiza ngaphansi kwesiketi sikanina.

UMbalula ekhuluma nabezindaba uthe, okwamanje akukho angakuphawula ngalesi sigameko esishaqise abaningi, engakawutholi umbiko ogcwele kungqongqoshe.

Ngeledlule amaqembu ezepolitiki aphakamise ukuthi akakhonjwe indlel uNkk Majodina, kulandela lesi sigameko okuthiwa senzeke endaweni yaseKouga, e-Eastern Cape, emhlanganweni womphakathi. Kubikwa ukuthi kulo mhlangano amalungu omphakathi azwakalise ukungenami ngendlela uhulumeni osingatha ngayo inkinga yamanzi nokuqoqwa kwendle kule ndawo.

Ngokwemibiko, kube nelungu lomphakathi elikhulume lingakhonjwanga, lasho inkulumo enenge ungqongqoshe. Leli lungu likhishelwe ngaphandle kulo mhlangano. Ngesikhathi likhishwa leli lungu, eliphila nokukhubazeka, liqhubekile nokukhuluma njengoba lizwakale libiza uMajodina ngaphansi kwesiketi sikanina (jou ma se) lisebenzisa ulimi lwesiBhunu. Ungqongqoshe akazibekanga phansi, waphendula ngokufana ezwakala ethi Phuma! Jou ma se ook.”

I-video yalesi sigameko isabalale ezinkundleni zokuxhumana, abantu baphawula ngezindlela ezahlukene ngayo. Abanye basola ungqongqoshe ngokuhluleka wukuziphatha njengomholi, abanye bameseka ngokuthi yilungu lomphakathi elimsukelile.

Amaqembu ezepolitiki okubalwa iDA ne-ActionSA, nenhlangano i-AfriForum asigxekile lesi senzo sikaMajodina. I-DA ithi izofaka isimangalo esisemthethweni. I-AfriForum ithi ifuna akhonjwe indlela uNkk Majodina ngokuziphatha kwakhe.

Lesi sigameko siza ngemuva kwamasonto omunye wabaholi be-ANC oyiMeya yaseJohannesburg, uMnu Dada Morero, ethuke elinye ilungu lomphakathi wathi likhuluma amas* (Ubuwa mas) ngesiSotho. UMorero uxolisile ngale nkulumo yakhe.

Kulindeleke ukuthi i-ANC ithole umbiko ogcwele ngalesi sigameko namhlanje ngoMsombuluko. Kusukela senzekile sigameko, iyakhula ingcindezi yokuthi umengameli amkhombe indlela ungqongqoshe.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...