Ilanga News
Home 9 Featured 9 Siyaqonga isikweletu seNingizimu Afrika

Siyaqonga isikweletu seNingizimu Afrika

by | 10 June 2025

ISEMATHENI indaba yesamba esilinganiselwa ku-R26,5 billion esibolekwe yiNingizimu Afrika kwiWorld Bank. Esitatimendeni sayo iWorld Bank, enekomkhulu eWashington DC, eMelika, iqinisekisile ukuthi iboleke elakuleli le mali ukuze kuthuthukiswe ingqalasizinda, okuzosiza ukufukula umnotho.


Phakathi kwezinto le malimboleko okubikwa ukuthi izolekelela kuzo wukuthuthukiswa kwezinga lamandla kagesi ophehlwayo ezweni ukuze kuqikelelwe ukuthi kunogesi owanele. Sekunesikhathi eside iNingizimu Afrika ibhekene nenkinga yokushoda kwamandla kagesi, okuyinto esibe nomthelela omubi kakhulu, okhinyabeza umnotho wezwe.

Okunye okubikwa ukuthi le malimboleko izosiza kukho wukuthuthukiswa kwengqalasizinda yokuthuthwa kwempahla. Le mali yandisa isikweletu esivele siwumthwalo onzima kuhulumeni njengoba sidla imali eshisiwe kuhulumeni. Isikweletu obhekene naso uhulumeni silinganiselwa kwingxenye ewu-75% wengxenye yesamba somkhiqizo wezwe odidiyelwe, phecelezi i-gross domestic product (GDP).

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...