Ilanga News
Home 9 Featured 9 Siyaqonga isikweletu seNingizimu Afrika

Siyaqonga isikweletu seNingizimu Afrika

by | 10 June 2025

ISEMATHENI indaba yesamba esilinganiselwa ku-R26,5 billion esibolekwe yiNingizimu Afrika kwiWorld Bank. Esitatimendeni sayo iWorld Bank, enekomkhulu eWashington DC, eMelika, iqinisekisile ukuthi iboleke elakuleli le mali ukuze kuthuthukiswe ingqalasizinda, okuzosiza ukufukula umnotho.


Phakathi kwezinto le malimboleko okubikwa ukuthi izolekelela kuzo wukuthuthukiswa kwezinga lamandla kagesi ophehlwayo ezweni ukuze kuqikelelwe ukuthi kunogesi owanele. Sekunesikhathi eside iNingizimu Afrika ibhekene nenkinga yokushoda kwamandla kagesi, okuyinto esibe nomthelela omubi kakhulu, okhinyabeza umnotho wezwe.

Okunye okubikwa ukuthi le malimboleko izosiza kukho wukuthuthukiswa kwengqalasizinda yokuthuthwa kwempahla. Le mali yandisa isikweletu esivele siwumthwalo onzima kuhulumeni njengoba sidla imali eshisiwe kuhulumeni. Isikweletu obhekene naso uhulumeni silinganiselwa kwingxenye ewu-75% wengxenye yesamba somkhiqizo wezwe odidiyelwe, phecelezi i-gross domestic product (GDP).

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...