Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ikhala ngesibhaxu ejele inkosi esolwa kwawokubulala

Ikhala ngesibhaxu ejele inkosi esolwa kwawokubulala

by | 27 August 2025

INKOSI yesizwe saKwaNxamalala, eMpendle, uSimphiwe Eric Zuma, itshele iNkantolo yeMantshi eHowick ngoLwesihlanu ukuthi abaphenyi becala layo, bayishaya kanzima ejele laseWestville, ngoLwesine olwedlule ebusuku, lapho igqunywe khona.

INkosi uZuma izovela futhi ngoMsombuluko mhla ka-1 kuMandulo (September) khona kule nkantolo, iyofaka isicelo sebheyili. Ibhekene necala lokuba yingxenye yetulo lokubulala ikhansela leDA, elalingusotswebhu omkhulu kuMasipala waseMngeni, uMnu Nhlalayenza Ndlovu.

UNdlovu ongumshana wayo iNkosi uZuma, wadutshulwa ngoZibandlela (December) ngo-2023, esemzini wakhe eMpophomeni, kubuka umkakhe nezingane. Inkosi iboshwe ngomhla ka-30 kuNtulikazi (July) ngecala lokwakha itulo lokubulala uNdlovu, okuthiwa balenza ejele iNew Prison, eMgungundlovu.

Ibekwe icala noKhayelihle Shabalala, uThabo Chonco, uThabani Hlongwa, kanti induna yaseMpophomeni, uMnu Zwelithini Buthelezi, isiphenduke ufakazi wombuso kuleli cala.

Imantshi itshele iNkosi uZuma ukuthi ingalivula icala lokushaywa. Inkosi iboshelwa elokubulala uNdlovu nje, ibingaphandle ngebheyili ka-R25 000, ngokubulawa kukandunankulu wesizwe, uMnu Qalokunye Zuma, owadutshuwa ngomhlaka 9 kuMasingana (January) ngo-2023.

Ibheyili yenkosi kuthiwa yafika nomunye usopolitiki owaziwayo esifundazweni. Amalungu emindeni, owakwaZuma nowakwaNdlovu, athi ashaqekile ngokuboshwa kwenkosi. Athi ibikhala “izinyembezi zengwenya”, izenza ezwelana nabo, ngokubulawa kwabo.

Icala lokubulawa kwenduna uZuma selisusiwe eNkantolo yaseMpendle, seliyoqulwa eNkantolo yaseHowick.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...