Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ikhala ngesibhaxu ejele inkosi esolwa kwawokubulala

Ikhala ngesibhaxu ejele inkosi esolwa kwawokubulala

by | 27 August 2025

INKOSI yesizwe saKwaNxamalala, eMpendle, uSimphiwe Eric Zuma, itshele iNkantolo yeMantshi eHowick ngoLwesihlanu ukuthi abaphenyi becala layo, bayishaya kanzima ejele laseWestville, ngoLwesine olwedlule ebusuku, lapho igqunywe khona.

INkosi uZuma izovela futhi ngoMsombuluko mhla ka-1 kuMandulo (September) khona kule nkantolo, iyofaka isicelo sebheyili. Ibhekene necala lokuba yingxenye yetulo lokubulala ikhansela leDA, elalingusotswebhu omkhulu kuMasipala waseMngeni, uMnu Nhlalayenza Ndlovu.

UNdlovu ongumshana wayo iNkosi uZuma, wadutshulwa ngoZibandlela (December) ngo-2023, esemzini wakhe eMpophomeni, kubuka umkakhe nezingane. Inkosi iboshwe ngomhla ka-30 kuNtulikazi (July) ngecala lokwakha itulo lokubulala uNdlovu, okuthiwa balenza ejele iNew Prison, eMgungundlovu.

Ibekwe icala noKhayelihle Shabalala, uThabo Chonco, uThabani Hlongwa, kanti induna yaseMpophomeni, uMnu Zwelithini Buthelezi, isiphenduke ufakazi wombuso kuleli cala.

Imantshi itshele iNkosi uZuma ukuthi ingalivula icala lokushaywa. Inkosi iboshelwa elokubulala uNdlovu nje, ibingaphandle ngebheyili ka-R25 000, ngokubulawa kukandunankulu wesizwe, uMnu Qalokunye Zuma, owadutshuwa ngomhlaka 9 kuMasingana (January) ngo-2023.

Ibheyili yenkosi kuthiwa yafika nomunye usopolitiki owaziwayo esifundazweni. Amalungu emindeni, owakwaZuma nowakwaNdlovu, athi ashaqekile ngokuboshwa kwenkosi. Athi ibikhala “izinyembezi zengwenya”, izenza ezwelana nabo, ngokubulawa kwabo.

Icala lokubulawa kwenduna uZuma selisusiwe eNkantolo yaseMpendle, seliyoqulwa eNkantolo yaseHowick.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...