
KUNESISHO esithi, “ithendele elisuka muva, kukholwa yizagila”. Sengathi ne-African National Congress (ANC), iyakholelwa kulesi sisho, ngoba isiqalile ukucijela ukhetho lohulumeni basekhaya, oluzoba sekupheleni kwalo nyaka, noma ekuqaleni konyaka ozayo.
UNobhala-Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula, usememezele ukuthi ekupheleni kwaleli sonto, ubuholi benhlangano kuzwelonke, buzofaka imibuzo abahlonzwe ukuba bangenele ukhetho lokuba yizimeya amadolobheni akakhulu (metros). Amadolobha abhekwe ngabomvu, yiCity of Johannesburg, yiTswane, yiTheku, naseKurhuleni.
“Umkhankaso nokwethulwa komqulu (manifesto) wokhetho, sizokwenza ngenyanga kaJune noma kaJuly. Okwamanje, sihlola amakhono namava abantu esizofolosa ngabo, ezikhundleni zobumeya kuma-metro,” kuchaza uMnu Mbalula.
Umhlaziyi wepolitiki ozinze e-University of KwaZulu-Natal, uMnu Zakhele Ndlovu, uthi lolu khetho luzoba wumqansa ezinhlanganweni zombusazwe, ngoba isasasa lokuvota kubantu, ikakhulukazi abasha, lehle kakhulu.
“Ukungasebenzi kwabantu abasha abeneziqu zemfundo, yikhona okubalahlise ithemba, okwenza bangalangazeleli ukuvota. Ku-ANC kuzokuba nzima ngoba abavoti abebethembekile kuyo, bayahamba emhlabeni. Abantu ebebevotela uKhongolose, yilabo abebeyingxenye yomzalazo wenkululeko, okungabantu abayangokuncipha ngokwezibalo.
“Abantu abasha, bafuna imisebenzi namathuba angcono ukuze kuthuthuke impilo yabo. Uma uzoqhamuka ubatshele ngo-OR Tambo noNelson Mandela, uyabacasula,” kuhlaziya uNdlovu.
NgoMsombuluko i-ANC ihloniphe uSolomon Kalushi Mahlangu, owayeyisosha loMkhonto weSizwe (MK), elanqunywa wuhulumeni wobandlululo, ngomhla ka-6 kuNdasa (April), 1978. Umgubho wempilo kaMahlangu, ubuseMamelodi, eTshwane.







