Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

by | 15 June 2025

NGUMNU Paul Mashatile oyisekela likamengameli eNingizimu Afrika.


UMGUBHO woSuku lweNtsha kusasa ngoMsombuluko wenzeka ngesikhathi esinzima kubantu abasha, njengoba inqwaba yabo ibhekene nenselelo enkulu yokuswela umsebenzi.


Abantu abasha abangasebenzi eNingizimu Afrika, abaneminyaka esukela ku-15 kuya ku-34, babalelwa ku-4,8 million ngokwezibalo zekota yokuqala yonyaka u-2025, ezishicilelwe yiStats SA ngenyanga edlule.


UMnu Paul Mashatile, oyiSekela-mengameli wezwe, uthi: “Njengoba sigubha uSuku lweNtsha lwalo nyaka, sizazi kahle izinselelo intsha yanamuhla ebhekene nazo. Yingakho-ke kule nyanga uhulumeni ugcizelela ubambiswano olukhulu kubo bonke abambisene nabo kwezemfundo, kwezamakhono, nasekuthuthukisweni komnotho, ukuze kubhekwane nokwentuleka kwemisebenzi entsheni,” kusho uMashatile.

Umgubho omkhulu kazwelonke walolu suku uzobe wenzelwe ePotchefstroom, eNorth West, okuyilapho uMashatile ezokwethula khona inkulumo yosuku. Njengoba inkulumo yosuku izokwethulwa nguMashatile, yingoba uMengameli Cyril Ramaphosa umenywe eCanada engqungqutheleni iG7 Leaders Summit, yabaholi bamazwe awu-7 acebile.

Nakuba iNingizimu Afrika ingeyona ingxenye yeG7, kodwa uRamaphosa umenywe nguNdunankulu waseCanada uMnu Mark Carney.

Ikhona neminye imigubho yalolu suku eyenzelwe ezindaweni ezahlukene ezweni. KwaZulu-Natal, uNdunankulu uMnu Thami Ntuli kulindeleke ethule inkulumo emcimbini ozoba seKing Bhekuzulu Hall, e-University of Zululand. Kulo mcimbi uNtuli uzokwedlulisela uxhaso lukahulumeni luka-R100 million entsheni ehlomulile, evela ezifundeni ezahlukene, ukuze ithuthukise amabhizinisi ayo. Lolu xhaso luvela esikhwameni iKwaZulu-Natal Youth Fund.  


Ngalolu suku kusuke kukhunjulwa izibhelu zaseSoweto ngo-1976, lapho abafundi bavuka umbhejazane, bengavumi ukufundiswa ngeSibhunu. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...