Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

by | 15 June 2025

NGUMNU Paul Mashatile oyisekela likamengameli eNingizimu Afrika.


UMGUBHO woSuku lweNtsha kusasa ngoMsombuluko wenzeka ngesikhathi esinzima kubantu abasha, njengoba inqwaba yabo ibhekene nenselelo enkulu yokuswela umsebenzi.


Abantu abasha abangasebenzi eNingizimu Afrika, abaneminyaka esukela ku-15 kuya ku-34, babalelwa ku-4,8 million ngokwezibalo zekota yokuqala yonyaka u-2025, ezishicilelwe yiStats SA ngenyanga edlule.


UMnu Paul Mashatile, oyiSekela-mengameli wezwe, uthi: “Njengoba sigubha uSuku lweNtsha lwalo nyaka, sizazi kahle izinselelo intsha yanamuhla ebhekene nazo. Yingakho-ke kule nyanga uhulumeni ugcizelela ubambiswano olukhulu kubo bonke abambisene nabo kwezemfundo, kwezamakhono, nasekuthuthukisweni komnotho, ukuze kubhekwane nokwentuleka kwemisebenzi entsheni,” kusho uMashatile.

Umgubho omkhulu kazwelonke walolu suku uzobe wenzelwe ePotchefstroom, eNorth West, okuyilapho uMashatile ezokwethula khona inkulumo yosuku. Njengoba inkulumo yosuku izokwethulwa nguMashatile, yingoba uMengameli Cyril Ramaphosa umenywe eCanada engqungqutheleni iG7 Leaders Summit, yabaholi bamazwe awu-7 acebile.

Nakuba iNingizimu Afrika ingeyona ingxenye yeG7, kodwa uRamaphosa umenywe nguNdunankulu waseCanada uMnu Mark Carney.

Ikhona neminye imigubho yalolu suku eyenzelwe ezindaweni ezahlukene ezweni. KwaZulu-Natal, uNdunankulu uMnu Thami Ntuli kulindeleke ethule inkulumo emcimbini ozoba seKing Bhekuzulu Hall, e-University of Zululand. Kulo mcimbi uNtuli uzokwedlulisela uxhaso lukahulumeni luka-R100 million entsheni ehlomulile, evela ezifundeni ezahlukene, ukuze ithuthukise amabhizinisi ayo. Lolu xhaso luvela esikhwameni iKwaZulu-Natal Youth Fund.  


Ngalolu suku kusuke kukhunjulwa izibhelu zaseSoweto ngo-1976, lapho abafundi bavuka umbhejazane, bengavumi ukufundiswa ngeSibhunu. 

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...