INHLANGANA i-African National Congress (ANC) kwaZulu-Natal, ithi izofika okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngoNovember ibumbene.
Engxoxweni yayo nabezindaba ithe ibumbene kakhulu futhi izokwenza ushintsho.

Yize zikhona izinkinga ezikhona ngokubhaliswa kwabangenele ukhetho kwezinye izindawo ithe yinto ezoxazululeka ngokushesha futhi ifuna ukubuyisa isithunzi sayo ngalolu khetho.
Nakomasipala ehola kubona iwumbimbi namanye amaqembu ithe izimisele ngokubabuyisa labo masipala ibahole yodwa. Engxoxweni yayo iveze ukuthi komasipala abangu-54 bakwaZulu-Natal ilulungenele ukhetho. Ithe kwabangu-2,001 ababhalisiwe abangu-921 bangenele ukhetho ukuba ngamakhansela ama-Ward.
Iphinde yakuveza ukuthi kwabanye omasipala iyazi ukuthi kusenezinkinga kodwa ziyalungiswa njengoba ezinye zilungiswa ubuholi obuphezulu benhlangano.
Iphinde yaveza ukuthi kulesi sifundazwe ayishaywanga yisikhathi sokubhalisa abazongenela ukhetho kodwa kwaba nezinkinga ekubhalisweni kwamalungu ayo angenela ukhetho.
Iveze ukuthi kwabanye omasipala kuphindaphindeke abantu kwabanye kwaphambana amagama angena komasipala abangangenele kubona kodwa lokho yinto elungiswayo.
Baphinde banxusa amavolontiya abo ukuthi aqhubeke nokusebenza ngokuzimisela nakulabo masipala ezingakaxazululeki izinkinga kubona njengoba sebethembe ubuholi obuphezulu osebeungenelele ukuzixazulula.
Ithe okunye ekujabulelayo ukuthi abaningi abangenele ukhetho kulo nyaka ngabantu besifazane nentsha.
Udaba lukamasipala uMshwathi, okuke kwavela ukuthi amalungu akhona awabhalisiwe kwa-IEC, ithe lolu daba lulungiswa ubuholi bukazwelonke be-ANC.
Kumasipala iTheku neRay Nkonyeni khona ithe kusaqondiswa uhlu lwabangenele kulabo masipala njengoba kwaphambana amagama kodwa abashaywanga isikhathi soikubhalisa.
Iphinde yagxeka ukubulawa kwabangenele ukhetho njengoba kunezigameko zokubulawa kwabangenele ukhetho kwi-IFP kanjalo namakhansela e-ANC asanda kubulawa.
Igxeke nodaba lweqembu lemigulukudu elibizwa ngeWest Gang esifundeni iTheku eligqame eNanda, Ntuzuma nakwaMashu, yathi inxusa amaphoyisa ukuthi alwe nalobu bugebengu obuhleliwe. Inxoxo ibiholwa uMnu Mike Mabuyakhulu, uMnu James Nxumalo noMnu Sifiso Sonjica.







