Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kutholwe izandla zomuntu eduze kwesikole eThekwini

Kutholwe izandla zomuntu eduze kwesikole eThekwini

by | 13 August 2025

YISISEBENZI seReaction Unit SA endaweni lapho kutholakale khona izandla zomuntu.


SEKUTHOLAKALE izingalo nezandla zomuntu eceleni komgwaqo, eduze kwesikole eTrenance Park, enyakatho-ntshonalanga yeTheku.


Abenkampani yabaqaphi ezimele iReaction Unit South Africa bathi ekuseni ngoLwesithathu bathole ucingo luvela kumuntu othi ubona okungathi yizandla zomuntu, zigoqwe ngendwangu emhlophe.


Bathi ekufikeni kwabo babona ukuthi yizandla zomuntu. Bebesaqhumeka nokucinga eduze kwalapho kutholakale khona lezi zandla, ukubheka ukuthi ngeke basithole yini isidumbu.

Ezisematheni

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

SEZIMKHALELE umsolwa wesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wemoto yakwaBolt ePretoria West ngoLwesithathu ebusuku. Isigameko sokuklinywa kubulawe lona wesilisa obeshayela kuBolt, okubonakale ebanjwa inkunzi , sishaqise abaningi ezinkundleni zokuxhumana....

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

KUGQAME inzo-ndo emalungwini omndeni wa-sebukhosini ba-kwaZulu, Kwa-Nodunga, eMvoti, njengoba ebeseNka-ntolo eNkulu, eMgungundlovu, ngoLwesibili, ephelezele amadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, abanga isihlalo.INkosi uNkanyiso kaQedisono Zulu (28), yiyona eyanikwa...

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

ULAXAZE phansi umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, ‘ngenxa yoku-shaywa ngesithende’ uma kwabiwa imali yawo’, umsakazi woKhozi FM, okuthiwa nguyena umphembi wawo, kodwa ubekhala ngengcindezelo. Ngokuthola kweLANGA ngemi-thombo yalo, ubudlelwano buka-Khathide...