UBUSO OBUSHA ESIGUNGWINI ESIPHEZULU SE-NSL

155
NGUMATO Madlala noDkt Irvin Khoza okhethwe ngo-elethu ukuqhubeka nokuba ngusihlalo wePSL emhlanganweni weNational Soccer League eSandton Convention Centre, eGoli.
Isithombe nguMuzi Ntombela/BackpagePix

SENZO SOKHELA

KUVELE ubuso obusha esigungwini esiphezulu seNational Soccer League (NSL) ngemuva kokhetho olube yimpumelelo obelubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola bakuleli, ngoLwesithathu eSandton Convention Centre, eGauteng.

I-NSL iqoke amalungu ayisikhombisa esigungu esiphezulu esizothatha izinqumo ezimqoka kwiPremier Soccer League (PSL). 

USifiso “Jomo” Biyela ongusihlalo weRichards Bay FC, uTim Sukazi ongusihlalo weTS Galaxy noJohnny Mogaladi wePolokwane City yibona abasha abangene kulesi sigungu.

Bangene ezindaweni zoDavid Thidiela weBlack Leopards, uJohn Comitis weCape Town City noRob Benadie weStellenbosch FC.

Isigungu esisha seNSL simi kanje:
Usihlalo: Ngu-Irvin Khoza (obengabangi namuntu).
Amalungu esigungu: NguKaizer Motaung (Kaizer Chiefs); nguMato Madlala (Lamontville Golden Arrows); nguTim Sukazi (TS Galaxy); nguDkt Rejoice Simelane (Mamelodi Sundowns); nguSifiso Biyela (Richards Bay); nguStanley Matthews (SuperSport United) noJohnny Mogaladi (Polokwane City).

Previous articleUPhosa “uhluba udlubu ekhasini” ngomnikelo kaGadaffi kwi-ANC
Next article14 November 2024