Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-ANC ithi ithembe inkantolo ngolweMeya yaseMhlathuze

I-ANC ithi ithembe inkantolo ngolweMeya yaseMhlathuze

by | 30 April 2026

I-ANC iveze ukuthi isithembe inkantolo ngamacala abhekene neMeya waseMhlathuze uMnu Xolani Ngwezi njengoba ngoLwesine ibivele eNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay ngamacala ahlukene athinta ukudicilela phansi isithunzi nokwethuka usopolitiki nosomabhizinisi.

UNgwezi ubele kule nkantolo lapho bekusongwa khona izethulo kula macala abhekene nawo okuqambela amanga ilungu le-ANC uMnu Phiwe Mhlongo nosomabhizinisi uMnu Cyril Paton waphinde wababiza ngezikhohlakali.

Kuthiwa uNgwezi watshela isiteshi sikamabonakude somphakathi i-1 KZN TV engxoxweni ayenayo naso ukuthi uMhlongo noPaton bayizikhohlakali.

Waphinde wabiza uPaton ngokuthi uyibhantinti. Lokhu kwaholela ekutheni uPaton noMhlongo bavulele icala uNgwezi nokuyilo leli abelihamba.

IMantshi ithe ngenxa yokuthi leli cala lidinga isikhathi salo esanele ukuze lingaphazanyiswa ngamanye, izolihlehlisela umhla ka-27 kuMay kophezulu ukuze ikhiphe isinqumo.

UNkk Thembeka Mchunu oyilungu lesigungu sesikhashana kwi-ANC KwaZulu-Natal, uthe indlela okubekwe ngayo izethulo bayabona ukuthi uNgwezi leli cala lizomgojela.

“Maqabane njengoba besilapha ngaphakathi, iMantshi ibimpheke ngobhojwana. Ningamboni njengoba esephapha edelela laphaya kubantu kodwa ngesikhathi esebhokisini labasolwa ubedabukisa ebona ukuthi liyamshonela. Enginganitshela khona wukuthi ithemba likhulu lokuthi ngomhla ka-27 leli cala limgojele ngoba wathuka abantu, ekhuluma izinto angenabo ubufakazi bazo,” kusho uNkk Mchunu.

UNgwezi uke wabhekana namacala enkohlakalo kodwa ahoxiswa ngonyaka owedlule.

Ngesikhathi evele enkantolo uNgwezi amalungu e-ANC abebhikisha ngaphandle amanye ephethe izingqwembe ezigxibha uNgwezi.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...