Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-ANC ithi izimisele ukuxoxa namaqembu angekho kwiGNU ngolwesabelomali

I-ANC ithi izimisele ukuxoxa namaqembu angekho kwiGNU ngolwesabelomali

by | 13 March 2025

NGUMNU Fikile Mbalula onguNobhala-jikelele we-ANC noNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri okhulumela leli qembu kuzwelonke.

I-ANC ithi izimisele ukuxoxisana ngisho namaqembu angeyona ingxenye kaHulumeni woBumbano iGNU, ngenhloso yokuthola izibalo zamavoti ukuze kuphasiswe isabelomali.

Izolo ngoLwesithathu uNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana wethule inkulumo yesabelomali ePhalamande, eKapa, lapho eveze khona ukuthi intela yokuthenga iVAT izonyuswa ngo-0,5 percentage points iminyaka emibili ilandelana.

Indaba yeVAT iyizambane elishisayo njengoba amaqembu, okubalwa kuwona neDA eyingxenye yeGNU, eveze ukuthi azokuphikisa ukuphasiswa kwalesi sabelomali uma sekuvotwa ePhalamende.

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesine, ekomkhulu le-ANC, eLuthuli House, eGoli, uMnu Fikile Mbalula, onguNobhala-Jikelele wale nhlangano, uthe baxoxisana nawo wonke amaqembu – ngisho nalawa angeyona ingxenye yeGNU.

“Ibhajethi izophasiswa ngokubambisana nawo wonke umuntu oyingxenye kahulumeni futhi i-ANC ikulungele ukuxoxisana nawo wonke amaqembu epolitiki. Sihlale sivule izandla ukuxoxisana nanoma ngubani, kodwa lokho akusho kuthi sizovuma noma yini,” kusho uMbalula.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...