Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UYengeni uzothathelwa izinyathelo ngokungcolisa igama le-ANC – Mbalula

UYengeni uzothathelwa izinyathelo ngokungcolisa igama le-ANC – Mbalula

by | 6 January 2025

UNOBHALA Jikelele we-African National Congress uMnu Fikile Mbalula uveze ukuthi uzothathelwa izinyathelo umholi wayo osesigungwini esiphezulu saleli qembu uMnu Tony Yengeni.

UMbalula obekhuluma eseKhayelitsha eCape Town lapho leli qembu lilungiselela umgubho walo kaJanuary 8, uthe uYengeni uzobhekana nokuqondiswa izigwegqwe ngokungcolisa igama le ANC.

Uthe amalungu aleli qembu abhala imiyalezo ephambene ne-ANC ezinkundleni zokuxhumana azoqondiswa izigwegwe. Uthe leli qembu ngeke likubekezelele ukuba namalungu angazihloniphi izinqumo nemigomo ye-ANC.

Uphinde wakhipha nesexwayiso nakubaholi bezifundazwe abayekela amalungu aleli qembu azenzele umathanda kulezi zinkundla.

Uthe uma ubuholi beziifundazwe bezokushaya indiva ukuphambuka kwamalungu, ubuholi obuphezulu buzothatha izinyathelo.

Kule mpelasonto i-ANC kulindeleke ukuthi imigubhe iminyaka ewu-113 yasungulwa eWestern Cape.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...