Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kushone abawu-12 engozini yebhasi neloli

Kushone abawu-12 engozini yebhasi neloli

by | 17 June 2025


KUPHANGALALE abawu-12 engozini enyantisayo eyenzeke emgwaqweni u-R34 eVryheid, ngaphansi kwesifunda iZululand. Kubikwa ukuthi lengozi yenzeke entathakusa namuhla ngoLwesibili ngesikhathi ibhasi lishayisana neloli. 

Kubikwa ukuthi izisulu zingamalungu elinye lamaqembu ezombusazwe abenomcimbi wokugubha usuku lwabantu abasha kuleli, uJune 16.

Kuthiwa abayishumi bashonele endaweni yesigameko, kwathi abawu-22 baphuthunyiswa esibhedlela. 

UMnu Ndabezinhle Sibiya, okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, usiqinisekisile lesi sigameko. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...