Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 “I-ANC mayikwamukele ukuthi kayisekho emandleni” Buthelezi

“I-ANC mayikwamukele ukuthi kayisekho emandleni” Buthelezi

by | 4 November 2024

LUCKY CAIN

UNGQONGQOSHE wezoHulumeni baseKhaya nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi (osesithombeni), uthi i-ANC KwaZulu-Natal kumele ikwamukele ukuthi kayisekho emandleni kuhulumeni walesi sifundazwe, futhi afisa kucace wukuthi yena akabiki kuyona, usebenza kulesi sikhundla ngokujutshwa ngundunankulu wesifundwazwe, uMnu Thami Ntuli.

Ubephawula emuva kwezinsolo ezenziwe yi-ANC esigcawini sabezindaba namhlanje ngoMsombuluko, ebesimayelana nokuqeda kwayo izinsuku eziwu-100 iyingxenye kahulumeni wobambiswano. Abaqembu abambisene kulo hulumeni yi-IFP, i-ANC, iDA ne-NFP.

USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma nonobhala wayo, uMnu Bheki Mtolo, bachaze uMfu Buthelezi njengezambane elibolile kulo hulumeni, umuntu okhonze ukudala uqhekeko.

Eziphendulela uMfu Buthelezi, uthe usezizwile izinto ezishiwo yilaba baholi ngaye. Uthe afisa ukukucacisa wukuthi usebenza kulesi sikhundla ngokujutshwa nguNtuli, wathi uyazi ngemizamo ye-ANC kulesi sifundazwe yokubukela phansi ukusezebenza kwakhe njengongqongqoshe nangokuba ngundunankulu kaZulu. Uthe ngeke akuvumele ukuqinelwa yileli qembu.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...