Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 “I-ANC mayikwamukele ukuthi kayisekho emandleni” Buthelezi

“I-ANC mayikwamukele ukuthi kayisekho emandleni” Buthelezi

by | 4 November 2024

LUCKY CAIN

UNGQONGQOSHE wezoHulumeni baseKhaya nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi (osesithombeni), uthi i-ANC KwaZulu-Natal kumele ikwamukele ukuthi kayisekho emandleni kuhulumeni walesi sifundazwe, futhi afisa kucace wukuthi yena akabiki kuyona, usebenza kulesi sikhundla ngokujutshwa ngundunankulu wesifundwazwe, uMnu Thami Ntuli.

Ubephawula emuva kwezinsolo ezenziwe yi-ANC esigcawini sabezindaba namhlanje ngoMsombuluko, ebesimayelana nokuqeda kwayo izinsuku eziwu-100 iyingxenye kahulumeni wobambiswano. Abaqembu abambisene kulo hulumeni yi-IFP, i-ANC, iDA ne-NFP.

USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma nonobhala wayo, uMnu Bheki Mtolo, bachaze uMfu Buthelezi njengezambane elibolile kulo hulumeni, umuntu okhonze ukudala uqhekeko.

Eziphendulela uMfu Buthelezi, uthe usezizwile izinto ezishiwo yilaba baholi ngaye. Uthe afisa ukukucacisa wukuthi usebenza kulesi sikhundla ngokujutshwa nguNtuli, wathi uyazi ngemizamo ye-ANC kulesi sifundazwe yokubukela phansi ukusezebenza kwakhe njengongqongqoshe nangokuba ngundunankulu kaZulu. Uthe ngeke akuvumele ukuqinelwa yileli qembu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...