Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Lihambile iqhawe lesizwe nomholi onomgogodla

Lihambile iqhawe lesizwe nomholi onomgogodla

by | 26 February 2025

BEKUPHUME nesinedolo enkonzweni yokuphelekezela omunye wabaholi beNkatha Freedom Party (IFP), uMnu Senzo Brian Mfayela (63), ebiseMona, eNdwedwe, ngeSonto.

Ububona ngohlobo lwezimoto ebezipakwe enkundleni yezemidlalo iMgezengwana, ukuthi bekuyisilomo somholi lona obephelekezelwa. Inguzanguza yethende, ebeligxunyekiwe yilawa avama ukufakwa uma kunemicimbi emikhulu kahulumeni.

UMfayela, obephelekezelwa okokugcina, ubengusomabhizinisi, engumqondisi ezinkampanini ezinkulu, futhi engusopolitiki.

Abaholi bamaqembu epolitiki ahlukene, kubalwa iMeya yoMkhandlu-dolobha iTheku, uMnu Cyril Xaba neMeya kaMasipala waseNdwedwe, uMnu Zwengithi Mfeka, abangamalungu e-African National Congress (ANC), neziMeya zoMasipala abehlukene KwaZulu-Natal, bebethutheleke eNdwedwe, beyovalelisa kuMchoboza (abakwaMfayela).

UMnu uSipho Gcabashe, owake waba nguNobhala we-ANC eKZN, osethimbeni lePresidential Task Team eThekwini, ubekhona wachazwa njengomunye wabebebambisene noMfayela kwezamabhizinisi.

U-Advocate Khaliphile Richard Sizani, owake waba nguMqondisi Jikelele waseKZN, oyilungu lePan Africanist Congress of Azania (PAC), uphakanyiswe njengesinye sezihambeli eziqavile.

UMfayela, ungcwatshwe entathakusa izolo, emathuneni akubo okuthiwe yinqubo yomndeni. Izinkumbi zabantu abeziyomphelekezela, zifike vele esengcwatshiwe, zethamela inkonzo yokumkhapha ebihambisana nezinkulumo ezifikisela izinyembezi kwabanye, yize bekubuye kuhlekwe, uma kukhunjulwa impilo yakhe.

Yize inkulumo yosuku yethulwe nguMengameli weIFP, uMnu uVelenkosini Hlabisa, okhulume wenaba ngempilo kaMfayela, nendlela ayihambile, kube nguMfundisi Musa Zondi, ochazwe njengomngani wakhe omkhulu.

UNondaba uthi babefunda noMchoboza e-University of Fort Hare, e-Alice, e-Eastern Cape, ngo-1980, baphoqeleka ukuba bangaziqedi iziqu zabo ngoba babengene shi ezinxushunxushwini zepolitiki yabafundi.

UZondi, uthi nguyena ngokomyalelo woMntwana waKwaPhindangene owalanda uMfayela, wamtholela umsebenzi oLundi eHhovisi likaChief Minister. UZondi, ngesikhathi esevala inkulumo elanda ngempilo kaMchoboza, wehlulekile ukuzibamba, wakhala mi izinyembezi.

Ubefunda iBhayibheli, eNcwadini kaJobe 19, okuthe engakaqedi ukuyifunda, wathula isikhathi eside, wabonakala esesula izinyembezi ngeduku.

“Lihambile iqhawe lesizwe… nesethenjwa sikaMntwana waKwaPhindangene. Ubeyindoda enesibindi uMchoboza, ububona ngendlela abephikelela ngayo noma esebambekile empilweni. Ubengumholi kuwo wonke amazinga, umsebenzi abenikwe wona, ubewenza ngokwethembeka nangobuqotho.

“Empilweni yakhe akakaze afake isicelo somsebenzi kodwa esikhundleni salokho ubelandwa, kuthiwe nakho lapho ozofike ungene khona khaxa,” kuchaza uNondaba.

UMengameli we-IFP uHlabisa uthe njengoba uMchoboza ebengusomabhizinisi nje, baningi ebebemgabisela, bemheha ngamathenda, bethi uzowathola inqobo nje uma engahlukana ne-IFP, kodwa lokho akushaye indiva.

“Bambalwa abaholi abayofana nalona esimphelekezela namhlanje. Indoda ebinomgogodla nobuqotho obuyisimanga. Sife olwembiza. Ubengaguquki ezintweni ezinhle abekholelwa kuzona,” kukhala uHlabisa. UMchoboza ukhalelwe nawubuholi besizwe saKwaQwabe abesakhele.

Ezisematheni

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo...

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27,...