PHUMLANI GAMA
KULINDELEKE ukuba namuhla ngoLwesine iqhubeke nokufaka isicelo sokudedelwa ngebheyili iMeya yaKwaNongoma, uMnu Mshangane Ndabandaba, eNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma.
UNdabandaba uboshwe nesekela lakhe, uMnu Sabelo Nkosi, noSomlomo walo masipala, uNkk Babongile Sithole. Bobathathu bayanyaniswa nezinsolo zenkohlakalo yokudliwa kwemali yabakhokhintela elinganiselwa ngaphezulu kuka-R800 000.
Kuthiwa baboshwa besemhlanganweni wesigungu esilawula umasipala (EXCO). Kuleli cala kufakwe noMnu Mthandeni Zungu owayeyimenenja yalo masipala.
UZungu ubesenkantolo ngelinye icala lenkohlakalo aboshelwe lona, elingahlobene naleli elithinta noNdabandaba.
Kuthe uma efika enkantolo wayalelwa ukuba angabe esabuyela emuva, kunalokho wafakwa ohlwini lwabasolwa abayizikhulu kulo masipala.
Abanye abasolwa abengeziwe nguMnu Njabulo Dludla owayeyisikhulu esiphezulu ehhovisi lezokuphathwa kwemali kamasipala, nguMnu Khulekani Manqele owayeyimenenja ehhovisi lezokunikezelwa kwezimvume zokuthengwa kwempahla kamasipala, nokukhishwa kwamathenda, noMnu Vukani Gumede ongusomabhizinisi waseNanda eThekwini.
NgoLwesihlanu iNkantolo idedele ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye uNkosi, uNkk Sithole noMnu Gumede.
Ikhiphe umyalelo wokuba bangalinge balubhade emahhovisi alo masipala ngoba ufaniswa nendawo yesigameko, futhi kunofakazi.