INTATHELI YELANGA
IBE yizwe lokuqala ukuqinisa isandla ekusetshenzisweni kwezinkundla zokuxhumana yizingane ezineminyaka engaphansi kuka-16, i-Australia.
Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ngesikhathi leliya zwe lishaya umthetho ovimba izingane ezineminyaka engaphansi kuka-16 ukuba zisebenzise izinkundla zokuxhumana eziwu-10, ezihamba phambili kuleliya lizwe.
Phakathi kwazo kubalwa iTikTok, yi-Alphabet, iYouTube, yi-X nezakwaMeta, okuyiFacebook ne-Instagram.

Ngokweziphathimandla zakuleliya zwe, kusukela phakathi kweho-ra u-12 ebusuku ngoLwesithathu, lezi zinkundla zokuxhumana ziyalelwe ukuba zivimbe zonke izingane ezineminyaka engaphansi kuka-16, ukungena kuzona, uma zehluleka zizohlawuliswa imali engaphezu kuka-R500 mi-llion.
UNdunankulu wase-Australia, uMnu Antony Albanese, uthe lolu suku lungolunye lwezifanele ukujatshulelwa kuleliya zwe.
“Lo mthetho uza noguquko olukhulu emhlabeni wonke. Izingane ezithintekayo kulo mthetho, kungaba kuhle uma zingenza ezinye izinto ukuchitha isizungu. Zingakwazi ukuqala ukuzijwayeza imidlalo eyehlukene noma zizi-jwayeze ukufunda izincwadi,” esho.
Uthe inhloso enkulu kahulumeni ngalesi sinyathelo, wukuvikela izingane kokungalungile; okufana nodlame, ukuhlukumeza nokusabalala kocansi ezinkundleni zokuxhumana.
Khona ezinkundleni zokuxhumana, kuhlukene imibono ngalesi sinqumo se-Australia, njengoba iningi labazali lihambisana naso, kodwa abanye bayasihlaba, njengoba besihumusha njengokucindezela ilungelo lenkululeko lezingane.
Ezinye zalezi zinkundla zokuxhumana okubalwa kuzo iMeta, iYouTube ne-X, zisigxekile isinqumo se-Australia.
Zithi sisizani ngoba lezi zingane zivele ziyangena kwamanye ama-website, angazilungele, kodwa kazivinjwa kuwona.







