Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 I-CMA nohlelo lokusiza abagijimi beComrades ngendawo yokuhlala

I-CMA nohlelo lokusiza abagijimi beComrades ngendawo yokuhlala

by | 1 May 2025


ICOMRADES Marathon Association (CMA) izohlinzeka abasubathi abawu-800 ngendawo yokulala mahhala ukusondelela umjaho walo nyaka, ozogijinywa mhla ka-8 kuNhlangulana (June), usukela eMgungundlovu usongwe eThekwini.

Kulo nyaka lo mjaho uzokube ugubha iminyaka ewu-98 uba khona. I-CMA izosiza abasubathi abangenawo amandla okuzikhokhela izindawo zokuhlala, ngohlelo lwayo olubizwa ngeGems Comrades Runners Village.


Umjaho walo nyaka ungenelwe ngabasubathi abawu-24 000 kanti indawo okuzolala kuyona abasubathi iku-Alan Paton, bude buduze neCity Hall lapho kusukela khona umjaho. Abasubathi bazolala ngomhla ka-7, okuwusuku olwandulela olomjaho nangeSonto uma sebeqede ukugijima.

Kule ndawo abasubathi bahlelelwe no-mattress abasizingeni nokudla, kanti nasekuseni ngosuku lo mjaho bazothola isidlo sasekuseni ngaphambi kokuyogijima.


Ngokombiko weCMA, abasubathi abazothola lolu sizo kufanele kube ngabangasebenzi nalabo abahola imali engaphandi kuka-6000 ngenyanga. Abangasebenzi kufanele bathumele incwadi yasemaphoyiseni eqinisekisa lokhu, kuthi abasebenzayo bathumele ama-payslip.

USihlalo weCMA uMqondisi Ngcobo uthi kuwumgomo wabo ukuqinisekisa ukuthi akekho umsubathi ozosala ngaphandle ngenxa yenkinga yemali kwazise izindawo zokudlala ziyabiza njengoba sekusondele usuku lo mjaho.


Uthi abasubathi bazosuswa ngezimoto besuka eThekwini, beya lapho bezolala khona kanti ngeke bakwazi ukubasiza ngemali yokusuka emakhaya.


Bayaziswa abasubathi ukuthi kuyavalwa mhla ka-15 kwephezulu ukuthumela izicelo. Ngolwazi kungathunyelwa i-email ku: xoliswa@comrades.com noma bangene kwi-website ethi: www.comrades.com.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...