Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 I-CMA nohlelo lokusiza abagijimi beComrades ngendawo yokuhlala

I-CMA nohlelo lokusiza abagijimi beComrades ngendawo yokuhlala

by | 1 May 2025


ICOMRADES Marathon Association (CMA) izohlinzeka abasubathi abawu-800 ngendawo yokulala mahhala ukusondelela umjaho walo nyaka, ozogijinywa mhla ka-8 kuNhlangulana (June), usukela eMgungundlovu usongwe eThekwini.

Kulo nyaka lo mjaho uzokube ugubha iminyaka ewu-98 uba khona. I-CMA izosiza abasubathi abangenawo amandla okuzikhokhela izindawo zokuhlala, ngohlelo lwayo olubizwa ngeGems Comrades Runners Village.


Umjaho walo nyaka ungenelwe ngabasubathi abawu-24 000 kanti indawo okuzolala kuyona abasubathi iku-Alan Paton, bude buduze neCity Hall lapho kusukela khona umjaho. Abasubathi bazolala ngomhla ka-7, okuwusuku olwandulela olomjaho nangeSonto uma sebeqede ukugijima.

Kule ndawo abasubathi bahlelelwe no-mattress abasizingeni nokudla, kanti nasekuseni ngosuku lo mjaho bazothola isidlo sasekuseni ngaphambi kokuyogijima.


Ngokombiko weCMA, abasubathi abazothola lolu sizo kufanele kube ngabangasebenzi nalabo abahola imali engaphandi kuka-6000 ngenyanga. Abangasebenzi kufanele bathumele incwadi yasemaphoyiseni eqinisekisa lokhu, kuthi abasebenzayo bathumele ama-payslip.

USihlalo weCMA uMqondisi Ngcobo uthi kuwumgomo wabo ukuqinisekisa ukuthi akekho umsubathi ozosala ngaphandle ngenxa yenkinga yemali kwazise izindawo zokudlala ziyabiza njengoba sekusondele usuku lo mjaho.


Uthi abasubathi bazosuswa ngezimoto besuka eThekwini, beya lapho bezolala khona kanti ngeke bakwazi ukubasiza ngemali yokusuka emakhaya.


Bayaziswa abasubathi ukuthi kuyavalwa mhla ka-15 kwephezulu ukuthumela izicelo. Ngolwazi kungathunyelwa i-email ku: xoliswa@comrades.com noma bangene kwi-website ethi: www.comrades.com.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...