Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kukhonye iHollywood Athletics kwiTotalsports Two Oceans

Kukhonye iHollywood Athletics kwiTotalsports Two Oceans

by | 5 April 2025

KUKHONYE iHollywood Athletics kwiTotalsports Two Oceans yanonyaka ebinamhlanje ngoMgqibelo, eCape Town lapho abasubathi bayo bethathe indawo yokuqala esigabeni sabesilisa nakwabesifazane ngokwahlukana.


UGerda Steyn wenze njengoba bekulindeleke edla umhlanganiso kwabesifazane. Lo msubathi ojoyine iHollywood AC ekuqaleni konyaka ushaye intambo ngesikhathi esiwu-3:29 kanti ubebhekwe ngabomvu ukuba enze irekhodi lalo mjaho okuwu-3:26 ophethwe nguye.


UKhoarahlane Seutloali waseLesotho udle umhlanganiso kwabesilisa ngesikhathi esiwu-3:10 eshiya umsubathi waKwaZulu-Natal uSboniso Skhakhane ongene endaweni yesibili ngesikhathi esiwu-3:11:18 kwathi uLucky Mohale obeqala ukubamba iqhaza kulo mjaho wangena endaweni yesithathu enza u-3:11:27 kwathi imfivilithi yaKwaZulu-Natal uNkosikhona ‘Pitbull’ Mhlakwana wathatha indawo yesine.

UMhlakwana ubegijima lo mjaho okwesithathu kanti ubeqala ukuphuma ngaphandle kokuqala abathathu njengoba eseke wangena endaweni yesibili neyesithathu ngokwehlukana.


USeutloali uthe ujabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho njengoba nyakenye ezamile kwi-African Bank Soweto Marathon wagcina eshiywe ngu-Onalenna Khonkhobe sekubhekwe entanjeni. USeutloali uthe ujabule kakhulu ngokuba yingqwele yalo mjaho obuphethe isiteki sika-R250 000.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...