Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 USiya Mhlongo ulahlwe yicala lokushaya owesilisa owayeyisinqandamathe sakhe

USiya Mhlongo ulahlwe yicala lokushaya owesilisa owayeyisinqandamathe sakhe

by | 5 November 2025

LIMGOJELE obengumsakazi woKhozi FM uSiyabonga “Siya” Mhlongo, obebhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa owayeyisinqandamathe sakhe.

UMhlongo ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho elahlwe khona yicala lokushaya uMnu Njabulo Duma ngebhodlela leSavannah, esigamekweni okuthiwa senzeka ngo-August wonyaka ophelile. Lesi sinqumo kwakulindeleke ukuthi sikhishwe ngomhla ka-20 wenyanga eyedlule, kodwa kwangenzeka ngenxa yezinkinga zobuchwepheshe bemishini yase nkantolo.

Ubufakazi bombuso buveze ukuthi uSiya washaya uDuma ngebhodlela ebusweni ngemuva kwengxabano eyasuswa wukuvalelisana kwakhe (uDuma) nomunye wesilisa ngokuthi mncwa mncwa, nokuyikho okwanenga uSiya.

Yethula isinqumo iMantshi uMnu Mhlonipheni Sibiya, uveze ukuthi ukube uSiya nommangalelwa babengaphuzile, sasingeke senzeke lesi sigameko. Ube esemlahla ngecala qede wamdedela ngebheyili ka-R1000.

Icala ulihlehlisele umhla ka-27 kwephezulu ukuze akhiphe isigwebo.

Ezisematheni

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo...

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27,...