Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Kukhona okusina kubajeqeza’ abaqasha abakuleli ngokungemthetho eKZN – Ntuli

‘Kukhona okusina kubajeqeza’ abaqasha abakuleli ngokungemthetho eKZN – Ntuli

by | 14 August 2025


UXWAYISE abezimboni namafemu ngobungozi bokuqasha abokufika abakuleli ngokungemthetho uNdunakulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli.

UNtuli ubekhuluma nabemithombo yezindaba namuhla eCornobia eThekwini. Uthe akufanele kube nokwenzelela uma kukhulunywa udaba lwabantu bokufika kuleli.

“Ngikhuluma obala ngokucacile ukuthi abantu abalapha KwaZulu-Natal makube ngabantu abahlala khona ngokusemthethweni. Uma kukhona olapha ngokungemthetho, kuwubugebengu lokho. Akufanele abantu bangene lapha ngokungemthetho, bazoganga.

“Abanye abgila imikhuba, bathengisa izidakamizwa, bayantshontsha, kuningi. Ngithi mababuyele emazweni abo bayofuna izimvume ngoba umthetho uyabavumela ukwenza lokho. Nezisebenzi zeminyango kahulumeni siyazexwayisa.

“Angikungabazi ukuthi ngokwesibalo samafemu nezimboni esinazo lapha esifundazweni, baningi abantu abangasebenza. Ngithanda nokuxwayisa abaqashi abaqhubeka nomkhuba wokuqasha abantu bokufika kuleli. Ngithi nje, kukhona okusina kubajeqeza,” kusho uNtuli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...