Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Kukhona okusina kubajeqeza’ abaqasha abakuleli ngokungemthetho eKZN – Ntuli

‘Kukhona okusina kubajeqeza’ abaqasha abakuleli ngokungemthetho eKZN – Ntuli

by | 14 August 2025


UXWAYISE abezimboni namafemu ngobungozi bokuqasha abokufika abakuleli ngokungemthetho uNdunakulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli.

UNtuli ubekhuluma nabemithombo yezindaba namuhla eCornobia eThekwini. Uthe akufanele kube nokwenzelela uma kukhulunywa udaba lwabantu bokufika kuleli.

“Ngikhuluma obala ngokucacile ukuthi abantu abalapha KwaZulu-Natal makube ngabantu abahlala khona ngokusemthethweni. Uma kukhona olapha ngokungemthetho, kuwubugebengu lokho. Akufanele abantu bangene lapha ngokungemthetho, bazoganga.

“Abanye abgila imikhuba, bathengisa izidakamizwa, bayantshontsha, kuningi. Ngithi mababuyele emazweni abo bayofuna izimvume ngoba umthetho uyabavumela ukwenza lokho. Nezisebenzi zeminyango kahulumeni siyazexwayisa.

“Angikungabazi ukuthi ngokwesibalo samafemu nezimboni esinazo lapha esifundazweni, baningi abantu abangasebenza. Ngithanda nokuxwayisa abaqashi abaqhubeka nomkhuba wokuqasha abantu bokufika kuleli. Ngithi nje, kukhona okusina kubajeqeza,” kusho uNtuli.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...