Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-EFF ifuna itshe ligaye ngomunye umhlathi

I-EFF ifuna itshe ligaye ngomunye umhlathi

by | 31 January 2025

IQEMBU i-Economic Freedom Party (EFF), belinhlangene eBela Bela, esifundazweni iLimpopo ngoLwesihlanu licaba indlela eyaphambili yalo nyaka ka-2025.

Liya ngokwehla izinga lokwesekwa kwe-EFF, ngoba ukwehla kwezihlalo eziShayamthetho zezifundazwenni nasePhalamende likaZwelonke kuyinkomba yokuthi izinto azihambi kahle eqenjini.

Abaholi abahlanu abaqavile nabathathwa njengomgogodla we-EFF, besulile kuleli qembu, abanye besule zikhundleni kubalwa uMnu. uFloyd Shivambu, obeyiPhini likaMnu uMalema, osule ngonyaka odlule, wajoyina iMK Party kaMnu uJabob Zuma, uDkt. uMbuyiseni Ndlozi, wasula ePhalemende nokungacaci ngekusasa lakhe kuleli qembu, u-Advocate Dali Mpofu noMnu u-Alfred Motsi, nabo bafudukela kwiMK Paty.

UMholi wama”fighter” uMnu. uJulius Malema, uqinise amalungu aleli qembu idolo, ethi imikhankaso emisha yiyona ezobuyisa ukwethenjwa kweqembu.

“Imikhankaso yethu yeBeka Umntwana Esikoleni- noweSizofunda ngeNkani- Iyona ezokwenza i-EFF ibonakale ukuthi iyikhathalele imfundo yabantwana abamnyama, abavela emindenini ehlwempu. Sivula isahluko esisha namhlanje, abantu siyabakhumbuza ukuth yithina esisekhaleni lenkululeko yabantu bakuleli. Sizoya kubantu emazingeni aphansi ukuze babone ukuthi sinabo sibakhathelele, njengoba silungiselela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzoba ngonyaka ozayo. I-EFF isaphila futhi isekhona ebalazweni lwepolitiki. Imidonsiswano ebikhona yinto esedlulile kuyona,” esho.

UMhlaziyi wePolitiki, uSolwazi uLesiba Teffo, uthi ulimi oluqosheme yilona olulahlekisele uMnu uMalema ngabalandeli.

Uthi uma ungumholi, usakhuluma ngama-settler, nangongxiwankulu nogombela kwasabo, awubahehi abantu ngezinkulumo ezinjalo, kodwa uyabaxosha.

“Enkumweni yakhe, uMnu Malema akashongo lutho ngomsuka nangezimbangela zoqhekeko eqenjini aliholayo. Wenze kahle wakugwema lokh,u ngoba bekuzomfaka ehlazweni, uma ekewakhuluma ngakho” kuhlaziya uSolwazi uTeffo.

UMnu. uMalema, uthi kukhona izinhlaka ezizohlakazwa eqenjini njengoba selakhiwa kabusha nje.

Uhlabe ikhwelo walibhekisa kuMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, njengoMkhuzi oMkhulu wamaSosha akuleli, wathi lawa aseDemocratic Republic of Congo (DRC) mawabuyiswe ngokushesha.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...