Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Ucwaningo luveza ukuthi iB-BBEE ikhinyabeza umnotho wezwe

Ucwaningo luveza ukuthi iB-BBEE ikhinyabeza umnotho wezwe

by | 13 June 2025

KUBIKWA ukuthi iB-BBEE (Broad-Based Black Economic Empowernment) isiwukhinyabeze kakhulu umnotho waseNingizimu Afrika kusukela yethulwa.

Ngonyaka kubikwa ukuthi leli lizwe lilahlekelwa yisamba esingafinyelela ku-R290 billion ngenxa yeB-BBEE, okuyisamba esilingaba nokuphakathi kuka-2 no 4% wesamba somkhiqizo wezwe ohlanganisiwe, phecelezi i-gross domestic product (GDP), okanye imisebenzi ewu-192 000 ngonyaka.

Lokhu kuvele embikweni wocwaningo lwakamuva olwenziwe yiFree Market Foundation (FMF) neSolidarity Research Institute (SRI), oshicilelwe ngoLwesine.

Kuvela lokhu nje, isematheni indaba yeB-BBEE, okuwumthetho owashaywa wuhulumeni waseNingizimu Afrika ngenhloso yokuba nabamnyama ababencishwe amathuba ngesikhathi sengcindezelo kuleli, bahlomule nabo emnothweni wezwe.

Sekunesikhathi kuphikiswana ngale B-BBEE, kukhona abathi mawucishwe lo mthetho ngoba uxosha abatshalimali bakwamanye amazwe, kanti abanye bathi ukahle ngoba ufukula abamnyama.

Eminyakeni ecishe ifinyelele kwengama-20 kubikwa ukuthi iB-BBEE isilahlekisele iNingizimu Afrika ngomnotho olingana nesamba esingaphezu kuka-R5 trillion, kanye nemisebenzi ebalelwa cishe ku-4 million.

UDkt Morne Malan, oyiSenior Associate eFMF, futhi ongomunye wababhale lo mbiko wocwaningo, uthi: “Esikutholile (ocwaningweni) kuveza ukuthi i-BEE, ngendlela eyakhiwe ngayo njengamanje, icebisa idlanzana labathile abasezingeni eliphezulu, ekubeni kolunye uhlangothi ikhinyabeza umnotho futhi ibhebhethekisa ukusweleka komsebenzi.”

Ngakolunye uhlangothi, iCosatu iyawugxeka lo mbiko, iwuthatha njengombiko wabantu abaphikisana noguquko lwezomnotho ukuze kuhlomule nomphakathi obuncisheke amathuba phambilini.  

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...