Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Ucwaningo luveza ukuthi iB-BBEE ikhinyabeza umnotho wezwe

Ucwaningo luveza ukuthi iB-BBEE ikhinyabeza umnotho wezwe

by | 13 June 2025

KUBIKWA ukuthi iB-BBEE (Broad-Based Black Economic Empowernment) isiwukhinyabeze kakhulu umnotho waseNingizimu Afrika kusukela yethulwa.

Ngonyaka kubikwa ukuthi leli lizwe lilahlekelwa yisamba esingafinyelela ku-R290 billion ngenxa yeB-BBEE, okuyisamba esilingaba nokuphakathi kuka-2 no 4% wesamba somkhiqizo wezwe ohlanganisiwe, phecelezi i-gross domestic product (GDP), okanye imisebenzi ewu-192 000 ngonyaka.

Lokhu kuvele embikweni wocwaningo lwakamuva olwenziwe yiFree Market Foundation (FMF) neSolidarity Research Institute (SRI), oshicilelwe ngoLwesine.

Kuvela lokhu nje, isematheni indaba yeB-BBEE, okuwumthetho owashaywa wuhulumeni waseNingizimu Afrika ngenhloso yokuba nabamnyama ababencishwe amathuba ngesikhathi sengcindezelo kuleli, bahlomule nabo emnothweni wezwe.

Sekunesikhathi kuphikiswana ngale B-BBEE, kukhona abathi mawucishwe lo mthetho ngoba uxosha abatshalimali bakwamanye amazwe, kanti abanye bathi ukahle ngoba ufukula abamnyama.

Eminyakeni ecishe ifinyelele kwengama-20 kubikwa ukuthi iB-BBEE isilahlekisele iNingizimu Afrika ngomnotho olingana nesamba esingaphezu kuka-R5 trillion, kanye nemisebenzi ebalelwa cishe ku-4 million.

UDkt Morne Malan, oyiSenior Associate eFMF, futhi ongomunye wababhale lo mbiko wocwaningo, uthi: “Esikutholile (ocwaningweni) kuveza ukuthi i-BEE, ngendlela eyakhiwe ngayo njengamanje, icebisa idlanzana labathile abasezingeni eliphezulu, ekubeni kolunye uhlangothi ikhinyabeza umnotho futhi ibhebhethekisa ukusweleka komsebenzi.”

Ngakolunye uhlangothi, iCosatu iyawugxeka lo mbiko, iwuthatha njengombiko wabantu abaphikisana noguquko lwezomnotho ukuze kuhlomule nomphakathi obuncisheke amathuba phambilini.  

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...