Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-EFF ithi makwethulwe intela ezokhokhwa ngabacebile

I-EFF ithi makwethulwe intela ezokhokhwa ngabacebile

by | 25 February 2025

UMENGAMELI we-EFF uMnu Julius Malema usenxuse uhulumeni wehlanganisela (iGNU) ukuba usebenzise intela yengcebo (wealth tax), kunokwandisa umthwalo emahlombe ezinkulungwane zabantu bakuleli ezentulayo.

UMalema ukusho lokhu ephawula kulandela ukuhlehliswa kwenkulumo yesabelomali ngeledlule, okuthiwa kudalwe wukungavumelani ngokwenyuswa kwentela iVAT, efakwa entengweni – isuka ku-15% iya ku-17%.

Leli qembu lithi lizibophezele ukulwisana nokwenyuswa kwentela uma kuzokhinyabela izakhamuzi nabantu abahola kancane.

“Asinandaba noma kungathiwa kuzokwehliswa intela kweminye imikhiqizo, ngoba abantu abantulayo bazoyithenga leyo mikhiqizo, okuzokwandisa umthwalo wezindleko zokuphila kubantu bethu,” kusho uMalema.

Uqhube wathi uhulumeni kumele ugxile ekulungiseni inkinga yezindleko eziphezulu zokuphila kunokwenza impilo ibe nzima kakhulu ezigidini zezakhamizi, ekubeni uvikela abantu abacebile.

Inkulumo yesabelomali ihlehliselwe umhla ka-12 kuNdasa (March).

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...