Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-EFF ithi makwethulwe intela ezokhokhwa ngabacebile

I-EFF ithi makwethulwe intela ezokhokhwa ngabacebile

by | 25 February 2025

UMENGAMELI we-EFF uMnu Julius Malema usenxuse uhulumeni wehlanganisela (iGNU) ukuba usebenzise intela yengcebo (wealth tax), kunokwandisa umthwalo emahlombe ezinkulungwane zabantu bakuleli ezentulayo.

UMalema ukusho lokhu ephawula kulandela ukuhlehliswa kwenkulumo yesabelomali ngeledlule, okuthiwa kudalwe wukungavumelani ngokwenyuswa kwentela iVAT, efakwa entengweni – isuka ku-15% iya ku-17%.

Leli qembu lithi lizibophezele ukulwisana nokwenyuswa kwentela uma kuzokhinyabela izakhamuzi nabantu abahola kancane.

“Asinandaba noma kungathiwa kuzokwehliswa intela kweminye imikhiqizo, ngoba abantu abantulayo bazoyithenga leyo mikhiqizo, okuzokwandisa umthwalo wezindleko zokuphila kubantu bethu,” kusho uMalema.

Uqhube wathi uhulumeni kumele ugxile ekulungiseni inkinga yezindleko eziphezulu zokuphila kunokwenza impilo ibe nzima kakhulu ezigidini zezakhamizi, ekubeni uvikela abantu abacebile.

Inkulumo yesabelomali ihlehliselwe umhla ka-12 kuNdasa (March).

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...