Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

by | 12 February 2026


LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.
Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo oseluthuthukisiwe, eMega City, eMlazi.
UMnu Himal Parbhoo, oyisikhu-lu esiphezulu esibhekelele uku-tshalwa kwemali eFNB, uthi ba-hlose ukuvikela izakhamizi zaku-leli, ezidlala izitokofela.


“Uhlelo lwezitokofela saluqala ngo-2020, kodwa izinto eziningi bezenziwa emagatsheni ethu. Namuhla sizoqinisekisa ukuthi uma une-app yakwa-FNB, ngeke sisaba khona isidingo sokuthi amalungu ezitokofela aye emaga-tsheni, eyovula ama-akhawunti.


“Konke kuzokwenzeka ngezobuchwepheshe, kangangokuba noma amalungu esehlukanisa, ngeke sibe khona isidingo sokuthi aye ebhange, aseyokwazi ukuhlukanisa khona kwi-App.
“Lokhu sikwenze ngethemba lokuthi kuzoncipha izinkinga esihlale sifunda ngazo emaphepha-ndabeni, lapho amalungu ezitoko-fela eshaya achithe nemali, noma abanjwe inkunzi ngezikhathi zokuhlukanisa,” kusho uParbhoo.
Uthi ezokuphepha kulolu hlelo ziqine kakhulu njengoba izitokofela zizoqoka amalungu amathathu, azoba yiziphathimandla zaso.


Uthi kayikho imali ezokhokhwa ngokugcina imali yawo ebhange.
“Lawa malungu amathathu azosebenzisa ezobuchwepheshe, afake izithupha zawo nobuso ukuqinisekisa ubulungu.
“Kalikho elizokwazi ukukhipha imali ngale kokugunyazwa ngamanye.
“Sinethemba lokuthi sizokwa-nda isibalo sezitokofela ezigcina imali eFNB kulolu hlelo,” esho.
Uchwepheshe wezitokofela, uNkz Busi Sikhenjana, weStokvel Academy, uxwayise izitokofela ngendlela okumele ziziphathe ngayo ukuze zithuthuke.


Ubonge iFNB ngalolu hlelo.
Uthe unethemba lokuthi bazo-kwanda abantu abasha abazoba yingxenye yezitokofela.
“Isitokofela ngisithatha njenge-ndlela yokutshala imali.
“Lokhu ngikusho ngoba kule minyaka ecela ku-50 ngiyingxenye yezitokofela, kuningi esengikuzu-zile, okubalwa ingxenyana yendawo namagumbi, endaweni yezokuvakasha, (holiday resort) eseMpumalanga.
“Ngaloluhlelo lweFNB, ngikho-lwa wukuthi kuningi okuzozuzwa ngamalungu ezitokofela okungawalekelela athuthukise umnotho, nendlela nje yokuphatha imali,” esho.
ngubo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...