Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

by | 12 February 2026


LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.
Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo oseluthuthukisiwe, eMega City, eMlazi.
UMnu Himal Parbhoo, oyisikhu-lu esiphezulu esibhekelele uku-tshalwa kwemali eFNB, uthi ba-hlose ukuvikela izakhamizi zaku-leli, ezidlala izitokofela.


“Uhlelo lwezitokofela saluqala ngo-2020, kodwa izinto eziningi bezenziwa emagatsheni ethu. Namuhla sizoqinisekisa ukuthi uma une-app yakwa-FNB, ngeke sisaba khona isidingo sokuthi amalungu ezitokofela aye emaga-tsheni, eyovula ama-akhawunti.


“Konke kuzokwenzeka ngezobuchwepheshe, kangangokuba noma amalungu esehlukanisa, ngeke sibe khona isidingo sokuthi aye ebhange, aseyokwazi ukuhlukanisa khona kwi-App.
“Lokhu sikwenze ngethemba lokuthi kuzoncipha izinkinga esihlale sifunda ngazo emaphepha-ndabeni, lapho amalungu ezitoko-fela eshaya achithe nemali, noma abanjwe inkunzi ngezikhathi zokuhlukanisa,” kusho uParbhoo.
Uthi ezokuphepha kulolu hlelo ziqine kakhulu njengoba izitokofela zizoqoka amalungu amathathu, azoba yiziphathimandla zaso.


Uthi kayikho imali ezokhokhwa ngokugcina imali yawo ebhange.
“Lawa malungu amathathu azosebenzisa ezobuchwepheshe, afake izithupha zawo nobuso ukuqinisekisa ubulungu.
“Kalikho elizokwazi ukukhipha imali ngale kokugunyazwa ngamanye.
“Sinethemba lokuthi sizokwa-nda isibalo sezitokofela ezigcina imali eFNB kulolu hlelo,” esho.
Uchwepheshe wezitokofela, uNkz Busi Sikhenjana, weStokvel Academy, uxwayise izitokofela ngendlela okumele ziziphathe ngayo ukuze zithuthuke.


Ubonge iFNB ngalolu hlelo.
Uthe unethemba lokuthi bazo-kwanda abantu abasha abazoba yingxenye yezitokofela.
“Isitokofela ngisithatha njenge-ndlela yokutshala imali.
“Lokhu ngikusho ngoba kule minyaka ecela ku-50 ngiyingxenye yezitokofela, kuningi esengikuzu-zile, okubalwa ingxenyana yendawo namagumbi, endaweni yezokuvakasha, (holiday resort) eseMpumalanga.
“Ngaloluhlelo lweFNB, ngikho-lwa wukuthi kuningi okuzozuzwa ngamalungu ezitokofela okungawalekelela athuthukise umnotho, nendlela nje yokuphatha imali,” esho.
ngubo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...