Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UNtuli nemizamo yokusiza izisulu zezikhukhula

UNtuli nemizamo yokusiza izisulu zezikhukhula

by | 16 March 2025

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthi uxoxisana neHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa ukuthola imali yokwelekelela abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula esifundazweni.


Bathathu abantu osekuqinisekisiwe ukuthi bashonile ngenxa yezimvula ezinamandla ngempelasonto, kwathi izinkumbi zasala dengwane.


Bese kuyisonto lesithathu kugadla izimvula ezinkulu esifundazweni, zidlula nemiphefumulo yabantu. UNtuli uthe umonakalo odalwe yizimvula ulinganiselwa ku-R1 billion.


“Ngike ngalumana indlebe nomengameli, lapho ethe uzoxhumana neminyango kahulumeni ukuze kutholakale imali yokusiza izisulu zezikhukhula,” esho.


Namuhla ngeSonto uNtuli uhambele izindawo ezehlukene, okubalwa kuzona iNanda, eyohlola umonakalo, lapho ethembise khona izisulu ukuthi bazokwenza izaba ukuthi zibe nophahla lokufihla ikhanda.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...