Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UNtuli nemizamo yokusiza izisulu zezikhukhula

UNtuli nemizamo yokusiza izisulu zezikhukhula

by | 16 March 2025

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthi uxoxisana neHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa ukuthola imali yokwelekelela abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula esifundazweni.


Bathathu abantu osekuqinisekisiwe ukuthi bashonile ngenxa yezimvula ezinamandla ngempelasonto, kwathi izinkumbi zasala dengwane.


Bese kuyisonto lesithathu kugadla izimvula ezinkulu esifundazweni, zidlula nemiphefumulo yabantu. UNtuli uthe umonakalo odalwe yizimvula ulinganiselwa ku-R1 billion.


“Ngike ngalumana indlebe nomengameli, lapho ethe uzoxhumana neminyango kahulumeni ukuze kutholakale imali yokusiza izisulu zezikhukhula,” esho.


Namuhla ngeSonto uNtuli uhambele izindawo ezehlukene, okubalwa kuzona iNanda, eyohlola umonakalo, lapho ethembise khona izisulu ukuthi bazokwenza izaba ukuthi zibe nophahla lokufihla ikhanda.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...