Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Umqeqeshi uhalalisele indodakazi ithweswa iziqu

Umqeqeshi uhalalisele indodakazi ithweswa iziqu

by | 27 March 2025


AKAGCINI ngokuqinisa isandla kubadlali beSuperSport United u-Andre Arendse kodwa wenza okufanayo.

U-Arendse usanda kunikwa isikhundla sokuba yinhloko yabaqeqeshi ngemuva kokukhonjwa indlela uGavin Hunt ngeledlule.

Lo mqeqeshi odabuka eCape Town uzosizwa ngu-Onismor Bhasera noGrant Johnsson ophuma kwiBafana Bafana ekhempini yayo.

Le kilabhu izokuba nomdlalo onzima nePolokwane City kwiBetway Premiership ngo-17h45 ngeSonto ePeter Mokaba Stadium.

Kuleli sonto u-Arendse ufake kwiX (Twitter) isithombe sakhe nendodakazi yakhe, eyihalalisela ngokuhlabana ngeziqu zeBachelor of Audiology zaseWits University.

“Ngiyakuhalalisela ntombazane yami. Impumelelo yakho ikufanele ngokusebenza kanzima kwakho,” esho embhalweni obuhambisana nalesi sithombe.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...