Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘I-GNU iwukufela ngamathe umzabalazo wenkululeko’ – Zuma

‘I-GNU iwukufela ngamathe umzabalazo wenkululeko’ – Zuma

by | 15 December 2024

UMENGAMELI weMK Party, uMnu Jacob Zuma, uthi iGNU (uhulumeni wobumbano lwamaqembu ahlukene, ohlanganiswe yi-African National Congress (ANC) iwukufela ngamathe umzabalazo wenkululeko yabantu abamnyama. Uthi iwukuhlikiza umbono walaba abanikela ngempilo yabo, belwa nengcindezelo.

Ukusho lokhu enkulumweni ayethule emcimbini wokugubha ukuphela konyaka wokuqala kubunjwe iMK Party, obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto.

Le nkulumo kaZuma ifundwe nguDkt John Hlophe,oyisekela lakhe uMsholozi.

Uthe ububha obudlangile ezweni sebuthunaze, badicilela phansi isithunzi somuntu omnyama. Uthe ukubuyisa isithunzi sabampisholo, kuzokwenzea ngokuphucula isimo sempilo yabo, bakhishwe enhluphekweni, kubuyiswe nomhlaba wabo owantshontshwa ngabamhlophe.

Ngasekupheleni kwenkulumo yakhe uZuma, uthe yinde indlela esazohanjwa yiMK Party ukulwela abantu abamnyamma. Uthe nakuba inzima le ndlela, kodwa ibalulekile ukuze bakhululeke abantu abamnyama – hhayi kuphela baseNingizimu Afrika, kodwa base-Afrika yonkana.

INTATHELI: BHEKI NDLOVANA

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...