Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘I-GNU iwukufela ngamathe umzabalazo wenkululeko’ – Zuma

‘I-GNU iwukufela ngamathe umzabalazo wenkululeko’ – Zuma

by | 15 December 2024

UMENGAMELI weMK Party, uMnu Jacob Zuma, uthi iGNU (uhulumeni wobumbano lwamaqembu ahlukene, ohlanganiswe yi-African National Congress (ANC) iwukufela ngamathe umzabalazo wenkululeko yabantu abamnyama. Uthi iwukuhlikiza umbono walaba abanikela ngempilo yabo, belwa nengcindezelo.

Ukusho lokhu enkulumweni ayethule emcimbini wokugubha ukuphela konyaka wokuqala kubunjwe iMK Party, obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto.

Le nkulumo kaZuma ifundwe nguDkt John Hlophe,oyisekela lakhe uMsholozi.

Uthe ububha obudlangile ezweni sebuthunaze, badicilela phansi isithunzi somuntu omnyama. Uthe ukubuyisa isithunzi sabampisholo, kuzokwenzea ngokuphucula isimo sempilo yabo, bakhishwe enhluphekweni, kubuyiswe nomhlaba wabo owantshontshwa ngabamhlophe.

Ngasekupheleni kwenkulumo yakhe uZuma, uthe yinde indlela esazohanjwa yiMK Party ukulwela abantu abamnyamma. Uthe nakuba inzima le ndlela, kodwa ibalulekile ukuze bakhululeke abantu abamnyama – hhayi kuphela baseNingizimu Afrika, kodwa base-Afrika yonkana.

INTATHELI: BHEKI NDLOVANA

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...