Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Kayichazelwanga indodakazi kaZuma ngobunzima bokugana uMswati III’

‘Kayichazelwanga indodakazi kaZuma ngobunzima bokugana uMswati III’

by | 29 June 2025

YINGONYAMA yaseSwazini uMswati III, nguNdlunkulu wayo uNkk Nomcebo Zuma-Dlamini noMnu Jacob Zuma.


KAYICHAZELWANGA ngohlobo lwempilo ezoluphila esithenjini seNgonyama uMakhosetive “Mswati III” Dlamini eyangena kusona indodakazi kaMnu Jacob Zuma owayengumongameli wakuleli, ngokusho kwemithombo.

UNkk Nomcebo Zuma-Dlamini (22) osekusabalale imibiko yokuthi ubophe imithwalo yakhe wafulathela isigodlo, kuthiwa uxakwe yisimo ahlangabezane naso emendweni.

Ilungu lomndeni waseNdlunkulu yesizwe samaSwazi litshele ILANGA Lempelasonto ukuthi kwaba nephutha kusukela ekuqaleni, njengoba kungekho lapho okuvela khona ukuthi kwahlalwa nayo phansi iNdlovukazi uMaZuma, yachazelwa ukuthi kuzokwenzeka kwezinye izikhathi ingakwazi ukuhlangana nomyeni wayo ngenxa yokuba matasa nomsebenzi.

“Bayachazelwa ukuthi kuyenzeka kuphele isikhathi eside bengakwazi ukuhlangana nomyeni wabo. Ngikhuluma nje kunabanye ondlunkulu osekuphele unyaka bengakaze bahlangane neNgonyama,” kusho umthombo .

Uqhube wathi kusukela ekuqaleni kwakunenkinga nje ngoba uZuma (uyise kaNomcebo) wayengafuni ukudedela indodakazi yakhe iyogana iNkosi uMswati III.

“Salinda eside isikhathi ngaphandle komuzi engafuni ukusemukela. Emuva kwesikhathi satshelwa ukuthi udinwe wukuthi ugilwe ngumngani wakhe owamkhohlisa, wathi ufuna indodakazi iyogana enye yamadodana akhe, kanti uzifunela yena.

“Abomndeni wakwaZuma kunendima okwakufanele bayidlale ukuze (indodakazi yabo) izohlala kahle emendweni. Inkinga ekhona wukuthi abemindeni yomibili behlulwa wukubheka izinto ezibalulekile, babuka izinga leNgonyama nokuthi ithatha ingane kaZuma,” kusho umthombo.


Leli phephandaba libuye laxhumana nelinye ilungu lomndeni waseNdlunkulu kaZulu, nalo elihambe emazwini omthombo ongaphakathi eSwazini.

Umthombo wesithathu osondelene nomuzi waKwaDakwadunuse, ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi sekuyophela isonto izithunywa zilinde ukuhlangana noMsholozi.

Kubikwa ukuthi uNkk Zuma-Dlamini ungene ebudlelwaneni bezothando neNkosi uMswati III ngonyaka owedlule. Uthando lwabo lube sematheni kuleli nakwamanye amazwe angomakhelwane wezwe iSwazini.

Bake babonakala ndawonye, behambele amazweni ahlukene phesheya kwezilwandle, okubalwa nohambo lokuyohlangana nomholi wamaKhatholika uPope Francis, osanda kubizelwa enkosini ezinyangeni ezedlule.

Kubikwa ukuthi ezinsukwini ezedlule uNkk Zuma-Dlamini ubophe imithwalo wabuyela kubo, ngoba ekhala ngobunzima bokuhlala isikhathi eside engakwazi ukuhlangana nomyeni wakhe.

Leli phephandaba lithole ukuthi emuva kokuba ebuyele kubo uNkk Zuma-Dlamini, iNgonyama Mswati III ikhiphe ithimba labantwana baseNdlunkulu yaseSwazini nengxenye yamakhosi ezizwe ezikhona kuleliya lizwe, ukube liyoncenga umakoti ukuba abuyele emzini wabo.

Kuthiwa uMnu Zuma ubukeka engumuntu ongazimisele ukubanika indlebe njengoba nasekuqaleni wenza njalo.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...