Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzophela usizi lweminyaka bengenawo ugesi

Kuzophela usizi lweminyaka bengenawo ugesi

by | 13 July 2025

NGUNGQONGQOSHE uThulasizwe Buthelezi ophethe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal.
Isithombe ngu: Nhlanhla Gumede



ZIBONA kuzophela usizi lweminyaka lokungabi nawo ugesi izakhamizi ezingaphezu kuka-400 zakwaSitanela, eVryheid, njengoba uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu- Natal, oholwa nguMfu Thulasizwe Buthelezi, wethule uhlelo lokufakwa kukagesi kule ndawo.

Emcimbini obowubanjwe enkundleni yezemidlalo khona kwaSitanela namuhla ngeSonto, umnyango wethula izisebenzi eziwu-30 eziqashwe ngaphansi kohlelo lomnyango i-Extended Public Works Programmes (EPWP). UButhelezi uthe lokhu kuwubufakazi bokuthi umnyango wakhe kawugcini ngokukhuluma ngentuthuko, kodwa uyilethe bukhoma.

“Abantu bakwaSitanela bebevalelwe ngaphandle ezihlelweni zentuthuko, ikakhulukazi kugesi. Namuhla sizoshintsha lowo mlando. Silapha ukuzosho ukuthi sikuzwile ukukhala kwenu kweminyaka. Sizofakela imizi ewu-430 ugesi,” esho.


Ube esethula phambi komphakathi ithimba lomnyango elibhekelele ingqalasizinda, waqinisekisa ukuthi liyohamba kule ndawo ngosuku okuyokhaya ngalo ugesi. Uthe ngokufakwa kukagesi, unethemba lokuthi nokwebiwa kwezinkomo ngobumnyama ziweliselwe eMpumalanga, sekuzokwehla.

UButhelezi uphawule nangohlelo lokuqasha olusebenzisa iminyaka ephakathi kuka-18 kuya ku-35, waqinisekisa ukuthi umnyango wakhe kawulusebenzisi.

“Abantu abaneminyaka engaphezu kuka-35 banezingane ezibheke bona. Yikho sithe uma siqasha, saqasha kusukela eminyakeni ewu-18 kuya ku-55,” kusho uButhelezi.

IMeya kaMasipala Abaqulusi, uMnu Sifiso Mkhwanazi, ibonge ukuhanjelwa ngungqongqoshe nemisebenzi aseyenzile kulo masipala.

“Siyawubonga kakhulu umnyango njengoba usithe chatha ngemali yokulungisa ingqalasizinda nokubhekelela izihlekelele zemvelo, leyo mali sesiqalile ukulungisa ngayo eminye imonakalo. Ngifisa uphinde ngizwakalise ukukhathazeka kwami ngokugcwala kwentsha ezimbizweni esizibiza phakathi nezinsuku. Lokhu kukhombisa ukuntuleka kwamathuba emisebenzi lapha ezweni lakithi. Sinethemba lokuthi lokhu esikhathini esizayo sizokubona sekwehlile,” kusho uMkhwanazi.

UNkz Samkelisiwe Nene (20) ubonge ukuthola ithuba lokuqashwa njengoba engomunye wabawu-30 abazosebenza ohlelweni lwe-EPWP, iminyaka emibili. 

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...