Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzophela usizi lweminyaka bengenawo ugesi

Kuzophela usizi lweminyaka bengenawo ugesi

by | 13 July 2025

NGUNGQONGQOSHE uThulasizwe Buthelezi ophethe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal.
Isithombe ngu: Nhlanhla Gumede



ZIBONA kuzophela usizi lweminyaka lokungabi nawo ugesi izakhamizi ezingaphezu kuka-400 zakwaSitanela, eVryheid, njengoba uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu- Natal, oholwa nguMfu Thulasizwe Buthelezi, wethule uhlelo lokufakwa kukagesi kule ndawo.

Emcimbini obowubanjwe enkundleni yezemidlalo khona kwaSitanela namuhla ngeSonto, umnyango wethula izisebenzi eziwu-30 eziqashwe ngaphansi kohlelo lomnyango i-Extended Public Works Programmes (EPWP). UButhelezi uthe lokhu kuwubufakazi bokuthi umnyango wakhe kawugcini ngokukhuluma ngentuthuko, kodwa uyilethe bukhoma.

“Abantu bakwaSitanela bebevalelwe ngaphandle ezihlelweni zentuthuko, ikakhulukazi kugesi. Namuhla sizoshintsha lowo mlando. Silapha ukuzosho ukuthi sikuzwile ukukhala kwenu kweminyaka. Sizofakela imizi ewu-430 ugesi,” esho.


Ube esethula phambi komphakathi ithimba lomnyango elibhekelele ingqalasizinda, waqinisekisa ukuthi liyohamba kule ndawo ngosuku okuyokhaya ngalo ugesi. Uthe ngokufakwa kukagesi, unethemba lokuthi nokwebiwa kwezinkomo ngobumnyama ziweliselwe eMpumalanga, sekuzokwehla.

UButhelezi uphawule nangohlelo lokuqasha olusebenzisa iminyaka ephakathi kuka-18 kuya ku-35, waqinisekisa ukuthi umnyango wakhe kawulusebenzisi.

“Abantu abaneminyaka engaphezu kuka-35 banezingane ezibheke bona. Yikho sithe uma siqasha, saqasha kusukela eminyakeni ewu-18 kuya ku-55,” kusho uButhelezi.

IMeya kaMasipala Abaqulusi, uMnu Sifiso Mkhwanazi, ibonge ukuhanjelwa ngungqongqoshe nemisebenzi aseyenzile kulo masipala.

“Siyawubonga kakhulu umnyango njengoba usithe chatha ngemali yokulungisa ingqalasizinda nokubhekelela izihlekelele zemvelo, leyo mali sesiqalile ukulungisa ngayo eminye imonakalo. Ngifisa uphinde ngizwakalise ukukhathazeka kwami ngokugcwala kwentsha ezimbizweni esizibiza phakathi nezinsuku. Lokhu kukhombisa ukuntuleka kwamathuba emisebenzi lapha ezweni lakithi. Sinethemba lokuthi lokhu esikhathini esizayo sizokubona sekwehlile,” kusho uMkhwanazi.

UNkz Samkelisiwe Nene (20) ubonge ukuthola ithuba lokuqashwa njengoba engomunye wabawu-30 abazosebenza ohlelweni lwe-EPWP, iminyaka emibili. 

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...