
UPHUMELE obala okokuqala ngoyise iSweet Guluva ngesikhathi eyisimenywa endaweni yokudlela nobumnandi iBrown Sugar eMhlanga.
NgeSonto ekuseni kusabalale imibiko ethi le nsizwa yaseNquthu enqobe ohlelweni lukamabonakude iBig Brother Mzansi S5 Umlilo izalwa ngowayengumculi wekwaito waseThekwini ongasekho emhlabeni uWaya 77 ogamalakhe langempela uMlungisi Mbhele.
UWaya oke wazibiza ngegama Nuz Boy uke waba ngumsakazi wesiteshi somphakathi iVibe FM ezinze KwaMashu ukhiphe ingoma ngokuhlanganyela noPhuz’ekhemisi esihloko sithi Ubuhle ethole ukudlalwa emisakazweni eyahlukene kuleli.
Le mibiko iqhamuke ngemuva kokuthi uGuluva ubengakaze aphawule ngoyise kusukela angena kulolu hlelo. Kulolu hlelo uGuluva ogamalakhe langempela u-Akhonamathemba Mbhele ubehlale eqhakambisa unina noninakhulu njengabadlale indima ekumkhuliseni.
Ekhuluma nabezindaba eBrown Sugar eMhlanga ukuqinisekisile ukuthi nebala uWaya 77 unguyise ongasekho emhlabeni kanti uyacabanga ukuthi nekhono lokucula ulithole kuyena.

Nakuba eveza lokhu kodwa usaqhubeka nokuqhakambisa unina kwezobuciko njengoba ethi elokulingisa ulithole kuyena.
UGuluva nakuba eqinisekise ekayise kodwa akafunanga ukugxila kakhulu ngodaba lukayise njengoba eshaye ngamafuphi maqede wadlulela phambili.
Sekuyindaba esegudwini ukuthi uGuluva uklonyeliswe ngesamba sika-R2million ngemuva kokunqoba kululo hlelo obelikhonjiswa esiteshini esiyisipesheli kwiDStv nakuMzansi Magic Channel 161 njalo ngamaSonto.
Uthe kuningi asezinhlelweni kwakho njengoba esenqobile kulolu hlelo kodwa okuseqhulwini wukungena emkhakheni wezobuciko ngokugcwele.
Uveze ukuthi akukhathaleki ukuthi ungena ngayiphi indlela inqobo nje uma engenile.
Uveze ukuthi uzimisele ukwenza konke okuhlanganisa lo mkhakha okubalwa ukusakaza, ukulingisa wukucula nokusebenzisa iphimbo lakhe nanomangayiphi indlela.
Uveze ukuthi sezike zabakhona izingxoxo zokwenza ingoma noDJ Zinhle njengoba lo DJ aphumela obala ngokuthi unesifiso sokwenza ingoma nale nsizwa.
UGuluva kulindeleke ukuthi enzelwe indumezulu yomcimbi wokumamukela ngoMgqibelo mhla ka-5 ku-April 2025 ezinkundleni zemidlalo eNquthu ohlelwa uMasipala waseNquthu ngaphansi kweMeya uMnu Zama Shabalala oke wavela ezinkundleni zokuxhumana emkhankasela ngesikhathi esengaphakathi kulolu hlelo.
UMnu Shabalala uphinde wabonakala evakashele ugogo kaGuluva ngemuva kokunqoba kwakhe.
Abantu eBrown Sugar ikakhulukazi abesifazane bakhombise ukumjabulelauGuluva nakuba engasichithanga isikhathi esiningi nabo kodwa uvelile eyobingelela kwajatshulwa kule ndawo.