Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP idalule izizathu zokweseka ukunyuswa kwe-VAT

I-IFP idalule izizathu zokweseka ukunyuswa kwe-VAT

by | 8 April 2025

INKATHA Freedom Party (IFP), ithi yeseke ukuphasiswa kwesabelomali ngeledlule ngoba sizoxazulula ngqo izinto ezikhathaza abantu abahlwempu bakuleli zwe.

Esithangamaini sabezindaba eThekwini, uMholi we-IFP, uMnu uVelenkosini Hlabisa uthe yize bengahambisani nokwenyuswa kwentela yezimpahla ezithangwayo-i Value Added Tax (VAT), ngo-0,5% lokhu bakuthatha njengento yesikhashana ngoba uma umnotho ususimeme lentela izoqedwa.

Uthe isizathu sokuhi ibekhona ukuthi iNingizimu Afrika icwile kakhulu ezikweletini ngemali ezoqoqwa ngale ntela kuzofukulwa umnotho.

UHlabisa, uthe isabelomali esabekwa ezithebeni nguNgqongqoshe u-Enock Godongwane, sithinta izinto i-IFP eyayikhulume ngazo kumhlahlandlela wayo isakhankasela ukhetho.

“Sasho kwiManifesto yethu ukuthi sifuna kuqashwe othisha ngoba imfundo yiwona mgogodla wempilo, nangempela bangu 11 000 othisha abazoqashwa ngalesi sabelomali. Sathi akuphuculwe ezempilo kuqashwe abahlengikazi nodokotela, lokhu yinto ezokwenzeka.
Imali eyisibonelelo evela kuhulumeni yenyukile kubantu abadala. Kuhlinzekwe omasipala ngemali yokuthuthukisa ingqalasizinda iakhulukazi amanzi. Sifuna isikhungo esiqoqa intela iSouth African Revenue Services (SARS), iqoqe imali ebalelwa ku R800 billion engaqoqiwe ukuze kulungiswe izidingongqangi kubantu. Kuzoba nombuthano wamaqembu akwiGNU lapho kuzobhekwa khona ukuthi umnotho uzosimanwiswa kanjani,” esho.

Uthe yize zikhona izihibe kwi-GNU uma iDemocratic Alliance (DA) ihoxa lokho engeke kwayithinta i-IFP.

“I-IFP ayibelethe emhlane wamanye amaqembu akwiGNU izimele. KwaZulu-Natal, uNgqongqoshe weziMali nguMholi weDA esifundazweni wethule isabelomali sesifundazwe, kubanjiswene kahle. Izinto ezenzeka ezingeni likazwelonke aziphathelene nokubambisana kwamaqembu ezithinta izifundazwe,” kusho uHlabisa.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...