Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP idalule izizathu zokweseka ukunyuswa kwe-VAT

I-IFP idalule izizathu zokweseka ukunyuswa kwe-VAT

by | 8 April 2025

INKATHA Freedom Party (IFP), ithi yeseke ukuphasiswa kwesabelomali ngeledlule ngoba sizoxazulula ngqo izinto ezikhathaza abantu abahlwempu bakuleli zwe.

Esithangamaini sabezindaba eThekwini, uMholi we-IFP, uMnu uVelenkosini Hlabisa uthe yize bengahambisani nokwenyuswa kwentela yezimpahla ezithangwayo-i Value Added Tax (VAT), ngo-0,5% lokhu bakuthatha njengento yesikhashana ngoba uma umnotho ususimeme lentela izoqedwa.

Uthe isizathu sokuhi ibekhona ukuthi iNingizimu Afrika icwile kakhulu ezikweletini ngemali ezoqoqwa ngale ntela kuzofukulwa umnotho.

UHlabisa, uthe isabelomali esabekwa ezithebeni nguNgqongqoshe u-Enock Godongwane, sithinta izinto i-IFP eyayikhulume ngazo kumhlahlandlela wayo isakhankasela ukhetho.

“Sasho kwiManifesto yethu ukuthi sifuna kuqashwe othisha ngoba imfundo yiwona mgogodla wempilo, nangempela bangu 11 000 othisha abazoqashwa ngalesi sabelomali. Sathi akuphuculwe ezempilo kuqashwe abahlengikazi nodokotela, lokhu yinto ezokwenzeka.
Imali eyisibonelelo evela kuhulumeni yenyukile kubantu abadala. Kuhlinzekwe omasipala ngemali yokuthuthukisa ingqalasizinda iakhulukazi amanzi. Sifuna isikhungo esiqoqa intela iSouth African Revenue Services (SARS), iqoqe imali ebalelwa ku R800 billion engaqoqiwe ukuze kulungiswe izidingongqangi kubantu. Kuzoba nombuthano wamaqembu akwiGNU lapho kuzobhekwa khona ukuthi umnotho uzosimanwiswa kanjani,” esho.

Uthe yize zikhona izihibe kwi-GNU uma iDemocratic Alliance (DA) ihoxa lokho engeke kwayithinta i-IFP.

“I-IFP ayibelethe emhlane wamanye amaqembu akwiGNU izimele. KwaZulu-Natal, uNgqongqoshe weziMali nguMholi weDA esifundazweni wethule isabelomali sesifundazwe, kubanjiswene kahle. Izinto ezenzeka ezingeni likazwelonke aziphathelene nokubambisana kwamaqembu ezithinta izifundazwe,” kusho uHlabisa.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...