Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Zibhubhisile eKZN izimvula

Zibhubhisile eKZN izimvula

by | 20 February 2025

ISHIYE kukhalwa ezingxenyeni ezahlukene zaKwaZulu-Natal imvula eqale ukuyidliva ngoLwesibili kwaze kwaba wubusuku bangoLwesithathu.

ILANGA lithole ukuthi bayisihlanu abantu abaphangalele ngenxa yalesi simo. Izimvula zicekele phansi izakhiwo okuhlala kuzona abantu okubalwa kuzo nemijondolo.

Ngokwesitatimende esikhishwe wuMasipala weTheku, kuvela ukuthi bawu-4 abantu abashonile ezindaweni ezahlukene ezingaphansi kweTheku. Phakathi kwabo kubalwa owesilisa oneminyaka ewu-45 okuvele ukuthi ucindezelwe wudonga lwendlu abekuyona ngesikhathi kwenzeka umonakalo. Umfana oneminyaka ewu-13 waseFolweni namantombazane amabili aneminyaka ephakathi kuka-12 no-13 eyodwa eyaseDamat noyedwa waseNsimbini khona eThekwini.

Izigameko eziningi zenzeke engxenyeni engaseNingizimu yeTheku. Ngenxa yalesi simo kuvalwe amabhishi ambalwa ngenhloso yokuvikela izakhamizi ezifweni okungenzeka zidalwe yizikhukhula. Kwezinye izindawo kube nenkinga yezihlahla eziwele emigwaqweni. Phakathi kwalezo zindawo kubalwa iMorningside, iChatsworth, uMkhomazi kanye naseVerulam.

“Kunxuswa abashayeli bezimoto ukuba baqaphele kuzona zonke izindawo. Umkhandlu unxusa ukuba zingavalwa izikhungo zezempilo ngenhloso yokuba zikwazi ukunikezela ngosizo oludingwa wumphakathi,” kusho isitatimende.

INGXENYE yomonakalo odalwe yizimvula ezinamandla eThekwini. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...