Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UKhuzani ubonga ukwesekwa ngabalandeli bakhe

UKhuzani ubonga ukwesekwa ngabalandeli bakhe

by | 23 May 2025

KUNYAKAZE izinkundla zokuxhumana umculi kamaskandi uKhuzani “INdlamlenze” Mpungose eveza imoto yakhe entsha ceke ebiza imali eshiswe.

Uthenge iLand Rover Defender ebiza u-R2.6 Million kheshi. UKhuzani uthe lokhu ukwenziswe ngukuthi abalandeli bakhe bameseke kakhulu emculweni njengoba ebeklonyeliswa ezinsukwini ezedlule inkampani yomculo i-Universal ngezindondo zamaPlatinum namagolide okudayisa kahle komculo wakhe.

Uthi ukuklonyeliswa kwakhe, kube yizinkomba zokuthi ukuculela kwakhe abantu, kwenza umehluko kwabanye abantu.
“Uthando engilukhonjiswe ngabantu emculweni wami bengeseka, ngibone ukuba ngibabonise ngokwenza into enhle nabo abazoziqhenya ngayo njengomculi abamulandelayo, ” Kusho uKhuzani.

Uthe lokhu kuyingxenye yokugubha izindondo ahlonyuliswe ngazo.
“Izinkampani zomculo eziningi ziyesaba ukuklomelisa amaciko, kodwa i-Universal yenze okuhle, ” esho.


Lo mculi uthole lezi zindondo emuva kokuba abakwaRisa begunyaze ukukhishwa izitifiketi eziqinisekisa ukwenza kahle kwezinye zezingoma zakhe ezingaphezulu kwezinhlanu.

Ezisematheni

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...