Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP ifuna uphenyo ngababhalisele ukuvota kwelokuchibiyela ebaQulusini

I-IFP ifuna uphenyo ngababhalisele ukuvota kwelokuchibiyela ebaQulusini

by | 4 June 2025

I-IFP isola umholi we-ANC ngokuqhuba umkankaso wkudicilela phansi isithunzi seMeya kaMasipala waseBaqulusini uMnu Sifiso Mkhwanazi kulandela izinsolo azenze ngesibalo sabantu ababhalisele ukuvota esiteshini sokuvota eNew Reform Church KwaStanela.

I-IFP ngaphansi kwesiyingi saseBaqulusini sizwakalise ukudumala ngezinsolo ezenziwe uMnu Lindo Xulu ongumholi we-ANC mayelana nesibalo sabantu ababhalisele ukuvota kule ndawo.

Ngokusho kwe-IFP uXulu uveze ukuthi kunabantu abawu-100 ababhalisele ukuvota kulesi siteshi sokuvota besebenzisa ikheli elilodwa okuyikheli likubo kaMakhwanazi.

Esitatimendeni esikhishwe yilesi siyingi ngaphansi kukaSihlalo uMnu Henry Sikhakhane izinsolo ezenziwe unguXulu ngeMkhwanazi kazinabo ubufakazi futhi ziyimzamo yokulimaza isithunzi sakhe neqembu i-IFP.

“UMeya uMkhwanazi akazange abambe iqhaza kunoma yiluphi uhlelo lokubhalisa abavoti kuwadi 23, futhi lezi zinsolo kazinasisekelo,” kusho uSikhakhane.

Uqhube ngokuthi kuyamangaza ukuthi uXulu nakuba azi kahle ngezinsolo zokusebenzisa abantu abangaphandle kwewadi ukuvota, athule ngalokho kodwa agxile ekusoleni uMeya uMkhwanazi ngokungelona iqiniso.

USikhakhane uthe budlangile lobu buqili bokuthatha abantu bakwezinye izindawo ukuzovota kwamanye amawadi uma kunokhetho lokuchibiyela kanti kumele kube yinto esukunyelwayo.

Uveze ukuthi bayaqaphela ukuthi inani labantu ababhaliselele ukuvota kulolu khetho lokuchibiyela linyukile nokuyinti ekhombisa ukuthi idinga uphenyo.

Unxuse ukuba ikhomishana yokhetho (IEC) iluhlehlise lolu khetho lokuchibiyela oluhlelelwe mhla ka-16 kuNtulikazi 2025 ukuze ikwazi ukuphenya kabanzi ngalezi zinsolo zokwanda kwesibalo.

Imizamo yokuthola uXulu ukuze aphawule ngalezi zinsolo azenzile ngaleli qembu iphunzile iphunzile.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...