
UKHOLWA wukuthi umculo unamandla okwenza umehluko ngokuvuselela unembeza kubantu umculi kamaskandi uMkhulekelwa “iDefender” Mpungose osanda kukhipha ingoma ekhuza isihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane ezweni.
UMkhulekelwa ukhiphe i-EP (extended play) enezingoma ezintathu esihloko sithi “Akenibe Amadoda”, okuphinde kube yisihloko sale ngoma afolose ngayo.
“Ngikholwa wukuthi ngingumuntu ophathisiwe le nto yokuthinta izinhliziyo zabantu. Akukho okunye engingenza ngakho ngaphandle kwethalente lomculo engiphiwe lona,” esho.
Uthi yiqiniso okumele lingashalazelwa ukuthi utshwala buneqhaza elikhulu ekwandeni kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Uthi uyindoda, uyindoda enjani ethi uma ephuzile izolwa nomndeni?” kusho yena engomeni.

Uthi ukholwa wukuthi abesilisa kuyijoka labo ukuvikela abesifazane nezingane kwabanye besilisa, okuyibona imvamisa abahlukumezayo.
“Akenibe ngamadoda, akenibe zinsizwa, nivekele umndeni.”
Lona wumsebenzi wokuqala weDifender lizimele, ngaphansi kwenkampani yalo entsha iMkhulekelwa Music & Production ngemuva kokuphuma ngaphansi kwekhwapha leNdlamlenze Group & Production kaKhuzani Mpungose nyakenye. Livumile ukuthi kunzinyana ukuzimela, kodwa lathi besekuyisikhathi.
“Yonke into iyasinda uma usayiqala, kodwa kuyancengeka.”
Ezinye izingoma ezikule EP ngethi “Uyathandeka” nethi “Silala Emahhotela” apike kuyona uMzukulu, zombili ezenza kahle ezitolo zomculo online. Uthi ubehlele ukukhipha i-albhamu egcwele ekuqaleni konyaka ozayo, kodwa ngenxa yengcindezi yokwenza kahle kwale EP yakhe, kungenzeka iphume ungakapheli lo nyaka.








