Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-IFP imemezele uHlengwa noMavava kweseMeya yeTheku

I-IFP imemezele uHlengwa noMavava kweseMeya yeTheku

by | 31 August 2026

THOKOZANI NDLOVU NO THANDOLUHLE NGUBO

INKATHA Freedom Party (IFP), iqhamuke neqhinga elehlukile ekungeneleni umjaho wesikhundla sozoba yiMeya yeTheku ngokumemezela nozoba yiPhini layo esithangamini sabezindaba ebesisehhotela iDurban Manor ngoMsombuluko.

UMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa, umemezele ilungu lePhalamende, uMnu Mkhuleko Hlengwa, ozongenela esobumeya kuMasipala weTheku noMnu Sizwe “Mavava” Sikhakhane, ozoba yiPhini le meya kulo mkhandlu. UHlabisa uphinde wamemezela uMnu Xolani Ngwezi, njengozomela i-IFP kuMasipala waseMhlathuze.

Uthi lokhu kunguhlelo lwe-IFP lokusebenzisa abantu abasebasha ezikhundleni zeqembu.

“UHlengwa ungumuntu osemusha nosenze imisebenzi encomekayo eqenjini, yingakho simthume ukuthi azoba yimeya yeTheku. Lokhu kungenxa yokuthi iTheku liyisizinda somnotho ngokunjalo noMhlathuze. Kubalulekile ukuthi sithume abantu abasebancane futhi abakhuthele kule mikhandlu. USizwe Sikhakhane naye usemncane futhi useke waba sezinhlakeni ze-IFP kusuka ngo-2006 kuya ku-2010. Muva nje usanda kuqokwa ukuba nguSihlalo weTheku kwi-IFP. UNgwezi usenze umsebenzi omuhle kuwona eMhlathuze esebenzisa isipiliyoni sakhe njengoba ayiswa kuwona esuka ephalamende,” esho.

Bonke abamenyezelwe bakwemukele ukuqokwa kwabo bathi bazosebenza ngokuzimisela ukuyisa le mikhandlu phambili.

UHlabisa uthe i-IFP isililungele ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo futhi izoba namakhansela komasipala abangaphezu kuka-191 kwabangu 257 abakuleli. Njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya, uthe i-IFP izokwethula umhlahlandlela wayo ePrincess Magogo Stadium, kwaMashu, ngomhlaka 20 kuSeptember. Uthe kumhlahlandlela weqembu kuzobe kungezona nje izithembiso kodwa bazobheka nasemuva kwasebekwenzile beyi-IFP.

UHlabisa uthe kuyamjabulisa ukuthi abone iningi labantu abasha nabesifazane abazongenela izikhundla zokuba ngamakhansela e-IFP.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...