Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-IFP inethemba ngobuholi bemeya entsha eNdumeni

I-IFP inethemba ngobuholi bemeya entsha eNdumeni

by | 20 November 2024

LUCKY CAIN

I-IFP izwakalise ukwethemba ubuholi bemeya entsha yaseNdumeni, uMnu Mcebo Mkhize, eqokelwe kulesi sikhundla esivuleke emuva kokushiya kukaMnu Siyabonga Ndlovu owasola amaluygu eqembu lakhe (i-IFP) ngokuhlangana “nezitha” ngenhloso yokumketula.

Leli qembu liveze ukuthi kusho lukhulu ukuqokwa kukaMkhize kulesi sikhunda futhi liyethemba ukuthi uzokwenza umsebenzi omuhle. Limuncome ngokuzinikela kwakhe ekusebenzeleni umphakathi nokungashalazeli izidingo zentsha.

Okhumela leli qembu, uMnu Mkhuleko Hlengwa, uthe bamfisela okuhle kodwa uMkhize kulesi sikhundla. Uqhube ngokuthi bafisa ubuholi bakhe bube yisibonelo nakumalungu omphakathi owakhele lo masipala, ukuze uthuthuke futhi nempilo yawo ishintshe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...