Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-IFP inethemba ngobuholi bemeya entsha eNdumeni

I-IFP inethemba ngobuholi bemeya entsha eNdumeni

by | 20 November 2024

LUCKY CAIN

I-IFP izwakalise ukwethemba ubuholi bemeya entsha yaseNdumeni, uMnu Mcebo Mkhize, eqokelwe kulesi sikhundla esivuleke emuva kokushiya kukaMnu Siyabonga Ndlovu owasola amaluygu eqembu lakhe (i-IFP) ngokuhlangana “nezitha” ngenhloso yokumketula.

Leli qembu liveze ukuthi kusho lukhulu ukuqokwa kukaMkhize kulesi sikhunda futhi liyethemba ukuthi uzokwenza umsebenzi omuhle. Limuncome ngokuzinikela kwakhe ekusebenzeleni umphakathi nokungashalazeli izidingo zentsha.

Okhumela leli qembu, uMnu Mkhuleko Hlengwa, uthe bamfisela okuhle kodwa uMkhize kulesi sikhundla. Uqhube ngokuthi bafisa ubuholi bakhe bube yisibonelo nakumalungu omphakathi owakhele lo masipala, ukuze uthuthuke futhi nempilo yawo ishintshe.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...