Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-IFP izohlolisisa amaziko ayo

I-IFP izohlolisisa amaziko ayo

by | 3 September 2025

IZOQALA umbhidlango wokuhlola amaziko ayo iNkatha Freedom Party (IFP), ibheke ukuthi asesimeni esifanele yini. Lokhu kuyingxenye yokulungiselela ingqungquthela yayo kazwelonke okuzokhethwa kuyona ubuholi bukazwelonke, nokho olungakamenyezelwa usuku lwayo.

Ekhuluma neLANGA ngoMgqibelo uSihlalo we-IFP kuzwelonke, uMnu Blessed Gwala, uthe kumqoka ukuba bahlolisise ukuthi kawekho yini amaziko angombombayi.

“Ngomhla ka-30 kuMandulo (September), sizobe siqala ukubhekisisa ukuthi amaziko wonke asesimeni esikahle yini ngoba akusizi ukuya engqungqutheleni namaziko angombombayi, kufuneka kube ngamaziko aqondile,” kusho uGwala.

Uqhube wathi: “Uma sesibukile ukuthi amaziko athini, sesobonisana-ke ezingeni elifanele ukuthi kungaba nini lapho kungaba khona umhlangano. Kufanele kuqondwe ukuthi ngaphambi kwengqungquthela (enkulu), kufanele kube khona eyokudingida ngenqubomgomo (policy conference), ngoba nezinqubomgomo kumele zibuyekezwe ukuze zivumelane nalesi sikhathi esikusona.”

Okunye uGwala athe kumele abantu bakuqonde, wukuthi ingqungquthela kakuyona nje kuphela eyokukhetha ubuholi, kodwa ngeyokuthi kubhekwe ukuthi iqembu liwuqhuba kanjani umsebenzi walo, futhi kubhekwe nendlela elikhula ngayo, okunga-ba ngokwesibalo samalungu kanye nezinhlelo zalo zokungena kuhulumeni.

UGwala akathandanga ukuqagula noma ukuhlawumbisela ukuthi babheke ukuthi ingahle ibe nini le ngqungquthela kazwelonke.

“UMntwana waKwaPhindangene akasifundisanga ukuba sishaye imihlahlo ngoba kufanele sixolise uma kungasenzeki ngaleyo ndlela. Ngemuva komhla ka-30 kuMandulo, siyophuma nekhambi lokuthi indlela eya phambili ithini,” kusho uGwala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...