Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

by | 16 January 2025

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ‘inkabi’ esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona eMzimkhulu, eyadutshulwa yabulawa isemzini wayo ngonyaka owedlule.

Ngokusho kuka-Col Simphiwe Mhlongo, ongumkhulumeli woKlebe KwaZulu-Natal ‘le-nkabi’ eneminyaka ewu-36 ibanjwe endaweni yase-Mpolweni ngase-Mgungundlovu.

ILANGA laba ngelokuqala ukubika ngalolu-daba ngesikhathi kuboshwe uMngqithi owashaqwa oKlebe esemsebenzini ngo-November wonyaka ophelile, wabe esenqatshelwa ibheyili ngomhlaka phakathi no-December.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngosuku okwakulindeleke ukuthi kuphume ngalo isinqumo odabeni lwebheyili uMngqithi waqala esiteshini samaphoyisa eyokwethweswa amacala amabili okungelenkohlakalo kanye nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho phezu kwamabili ayenawo okungelokubulala nelokwakha itulo lokubulala.

Kwelenkohlakalo wayesolwa ngokugwazisa umshayeli weloli eyadala ingozi yabulala abantu abawu-7.

Kuthiwa watshela umshayeli ukuthi akamnike u-R60 000 ukuze anyamalalise idokodo, nebala umshayeli wafaka u-R30 000 kwi-account yakhe yasebhange, okwathi sekungena icala enkantolo kwatholakala ukuthi kunobufakazi obusemqoka obushodayo kwaphoqa ukuba icala lihoxiswe.

Amalungu emindeni yabafi yalivula kabusha icala laphenywa elinye iphoyisa elasola isandla semfene, icala ladlulela ko-Klebe kwabe sekuboshwa uMngqithi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...