Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaZwane kuMaZulu

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaZwane kuMaZulu

by | 5 May 2025

UMENGAMELI wamaZulu FC uSandile “The Zunguness” Zungu uqede ukuqagela ngekusasa lo mqeqeshi wale kilabhu u-Arthur “10111” Zwane obekunemibiko ethi uzokhululwa uma kuphela isizini.

USuthu lwethule ngokusemthethweni iPrimo Sports njengabaxhasi balo abasha bezimpahla zokugqoka emcimbini obunamuhla ngoMsombuluko eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IPrimo ingena endaweni ye-Umbro ebingabaxhasi bale kilabhu.

IPrimo isayine inkontileka yeminyaka emihlanu noSuthu.

Kulo mcimbi uZungu uqede ukuqagela ngekusasa likaZwane obekunomoyana othi uzokhululwa uma kuphela isizini.

“Ngizoqala ngokwamukela iPrimo ngokuqoka thina njengabaxhasi abasha ngiyakuqinisekisa ukuthi ubudlelwano bethu buzoba buhle. 

Ngibonge nakwi-Umbro ebisihlale nathi iminyaka engu-7. 

Kodwa-ke engifuna ukukuqinisekisa wukuthi uZwane nangesizini ezayo uzobe engumqeqeshi wethu.

Sigculisekile ngomsebenzi wakhe yingakho sizoqhubeka nokusebenza naye,” kusho uZungu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...