Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP yamukele amalungu amasha

I-IFP yamukele amalungu amasha

by | 29 March 2025


IHLOMULE ngamalungu amasha aqavile kwezombusazwe Inkatha Freedom Party (IFP). Lokhu kugqame ngoLwesihlanu eDurban Manor ngesikhathi uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal,uMnu Thami Ntuli emukela amalungu amasha ahlubuke emaqenjini awo ajoyina iNkatha.

Angaphezulu kuka-150 amalungu amukeliwe ngokusemthethweni. Iqembu elilahlekelwe kakhulu abaholi abaqavile, i-Economic Freedom Fighters (EFF). Kwamukelwe obeyikhansela noSihlalo wesiyingi se-EFF eThekwini uMnu Tholinhlanhla Mthiyane, obengusekela sihlalo wesiyingi oThukela kwi-EFF uNkz Lungelo Khumalo, obenguSihlalo we-EFF kwisiyingi eKing Cetshwayo uMnu Phumlani Gumede, obenguNobhala kwiWard 106 Kwi-EFF uNkt Zanele Biyela, obeyikhansela le-Democratic Alliance eNtuzuma eThekwini nabanye abaningi. Amaqembu alahlekelwe kubalwa kuwona i-African National Congress (ANC), ATM, DA, EFF noMkhonto Wesizwe.

USihlalo weNkatha Freedom Paryt uMnu Thami Ntuli, uthe ukujoyina kwamalungu amasha ikakhulukazi intsha okuyiyona ebekade igcwele, kusho ikusasa eliqhakazile kule nhlangano. Uthi sekuyabacacela abantu abaningi ukuthi inhloso yepolitiki, akusikhona ukugqoka isikibha nokucula amaculo, kodwa kusho ukubekwa phambili kwentuthuko kubantu nokushintshwa kwezimpilo zabantu zibengcono.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...