Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP yamukele amalungu amasha

I-IFP yamukele amalungu amasha

by | 29 March 2025


IHLOMULE ngamalungu amasha aqavile kwezombusazwe Inkatha Freedom Party (IFP). Lokhu kugqame ngoLwesihlanu eDurban Manor ngesikhathi uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal,uMnu Thami Ntuli emukela amalungu amasha ahlubuke emaqenjini awo ajoyina iNkatha.

Angaphezulu kuka-150 amalungu amukeliwe ngokusemthethweni. Iqembu elilahlekelwe kakhulu abaholi abaqavile, i-Economic Freedom Fighters (EFF). Kwamukelwe obeyikhansela noSihlalo wesiyingi se-EFF eThekwini uMnu Tholinhlanhla Mthiyane, obengusekela sihlalo wesiyingi oThukela kwi-EFF uNkz Lungelo Khumalo, obenguSihlalo we-EFF kwisiyingi eKing Cetshwayo uMnu Phumlani Gumede, obenguNobhala kwiWard 106 Kwi-EFF uNkt Zanele Biyela, obeyikhansela le-Democratic Alliance eNtuzuma eThekwini nabanye abaningi. Amaqembu alahlekelwe kubalwa kuwona i-African National Congress (ANC), ATM, DA, EFF noMkhonto Wesizwe.

USihlalo weNkatha Freedom Paryt uMnu Thami Ntuli, uthe ukujoyina kwamalungu amasha ikakhulukazi intsha okuyiyona ebekade igcwele, kusho ikusasa eliqhakazile kule nhlangano. Uthi sekuyabacacela abantu abaningi ukuthi inhloso yepolitiki, akusikhona ukugqoka isikibha nokucula amaculo, kodwa kusho ukubekwa phambili kwentuthuko kubantu nokushintshwa kwezimpilo zabantu zibengcono.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...