Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ikhuza ibuya negama elisha i-Eyadini yodumo

Ikhuza ibuya negama elisha i-Eyadini yodumo

by | 10 November 2024

LUCKY CAIN

IKHUZA ibuya isibizwa ngegama elisha indawo yobumnandi eyaduma iNingizimu Afrika nakwamanye amazwe, i-Eyadini Lounge, ekwa-V, eMlazi. Le ndawo kulindeleke ukuba ivulwe ngokusemthethweni ngomcimbi wezinsuku ezintathu, kusukela mhla ka-30 kwephezulu nonyaka. Isizobizwa ngeBlack Bottle Liquors. 

  Ngokusho komnikazi wayo omusha, uMnu Siwaphiwe Mlobeli (osesithombeni), uhlela ukwenza indumezulu yomcimbi ukubuyisa le ndawo ebantwini. 

  Uthe kulezi zinsuku ezintathu kuzobe kuboshelwe oDJ nabaculi abadumile eThekwini nasezweni lonke jikelele. “Sihlela ukuphothula uhlu lwabazonandisa ngesonto elizayo, kodwa bazobe bekhona abantu abafana noDJ Tira, uDlala Thukzin noDJ Bongz. Abanye sisa-xoxa nabo,” esho.

Uthe akasilona ivukana kwezobumnandi. “Sengisebenze emicimbini eyahlukene, ngisabalalisa iziphuzo njengoba inkampani yami, iBlack Bottle Liquors, yaziwa ngalo msebenzi. Ngakho ukuvula le ndawo, kuzobe kuwukwengeza emsebenzini ebengiwenza,” esho.  Uthe akukho okutheni azokushintsha ngaphandle kokukhuphula izinga endaweni ebivele ikhona. 

   Le ndawo izovulwa zonke izinsuku, kanti uLwesihlanu, uMgqibelo, iSonto, uMsombuluko noLwesithathu kuzobe kuyizinsuku zemicimbi. 

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...