Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ikhuza ibuya negama elisha i-Eyadini yodumo

Ikhuza ibuya negama elisha i-Eyadini yodumo

by | 10 November 2024

LUCKY CAIN

IKHUZA ibuya isibizwa ngegama elisha indawo yobumnandi eyaduma iNingizimu Afrika nakwamanye amazwe, i-Eyadini Lounge, ekwa-V, eMlazi. Le ndawo kulindeleke ukuba ivulwe ngokusemthethweni ngomcimbi wezinsuku ezintathu, kusukela mhla ka-30 kwephezulu nonyaka. Isizobizwa ngeBlack Bottle Liquors. 

  Ngokusho komnikazi wayo omusha, uMnu Siwaphiwe Mlobeli (osesithombeni), uhlela ukwenza indumezulu yomcimbi ukubuyisa le ndawo ebantwini. 

  Uthe kulezi zinsuku ezintathu kuzobe kuboshelwe oDJ nabaculi abadumile eThekwini nasezweni lonke jikelele. “Sihlela ukuphothula uhlu lwabazonandisa ngesonto elizayo, kodwa bazobe bekhona abantu abafana noDJ Tira, uDlala Thukzin noDJ Bongz. Abanye sisa-xoxa nabo,” esho.

Uthe akasilona ivukana kwezobumnandi. “Sengisebenze emicimbini eyahlukene, ngisabalalisa iziphuzo njengoba inkampani yami, iBlack Bottle Liquors, yaziwa ngalo msebenzi. Ngakho ukuvula le ndawo, kuzobe kuwukwengeza emsebenzini ebengiwenza,” esho.  Uthe akukho okutheni azokushintsha ngaphandle kokukhuphula izinga endaweni ebivele ikhona. 

   Le ndawo izovulwa zonke izinsuku, kanti uLwesihlanu, uMgqibelo, iSonto, uMsombuluko noLwesithathu kuzobe kuyizinsuku zemicimbi. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...