Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-IFP yeseka isiphakamiso seSilo

I-IFP yeseka isiphakamiso seSilo

by | 28 January 2026

I-IFP KwaZulu-Natal yeseka isiphakamiso seSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini sokuba kubuyekezwe igama lesifundazwe iKwaZulu-Natal. Ngeledlule emcimbini womgubho wempi yaseSandlwane iSilo siphakamise ukuba ibhekwe kabusha indaba yegama lesifundazwe.

Siphakamise ukuthi kunqanyulwe igama uNatal kusale uKwaZulu kuphela. UMnu Blessed Gwala ohola ikhokhasi yaleli qembu eishayamthethwa uthe leli qembu liyakweseka okushiwo yiNgonyama.

“Kasiboni ngisho nelilodwa iphutha kulesi siphakamiso seNgonyama ngoba nomlando uyasitshela ukuthi nangesikhathi iLembe liphume umkhankaso wokubumba isizwe saKwaZulu imingcele yalo yayihamba ize iyofika phezu komfula uMthavuna ohlukanisa iKwaZulu ne-Eastern Cape nase-Ermelo esifundazweni iMpumalanga,” esho

“Lo mbono muhle ngoba kuvele kunezinhlelo zokulungisa amaphutha enzeka ezikhathini ezedlule. Kufanele kubuyiselwe igama laKwaZulu lime nje. UNatal lona owafakwa kuleli gama kasiwazi. Kasazi nokuthi unguyise kabani lapha KwaZulu. IKwaZulu iwumbuso iyodwa nje,” kusho uGwala.

Uthe kuningi okufanele kulungiswe kulesi sifundazwe uma kubizwa amagama ezindawo namadolobha. “Idolobha nje uMgungundlovu kwakungelona igama ledolobha kodwa lokhu kuyinhlamba kubantu baKwaZulu ngoba uMgungundlovu kwakuyigama lesigodlo seSilo uDingane esahlaselwa ngamabhunu asicekela phansi ngomlilo. Basuka lapho bazokwakha idolobha base belibiza ngokuthi yiwona Mgungundlovu wangempela. Kuningi okufanele kulungiswe. Lapha sibala igama uMbongintwini (eZimbokodweni), negama iXopo (Ikhopho) okungamagama angenazo izincazelo ezicacile. Kunamagama amaningi okufanele alungiswe ngoba kufanele anikeze umlando ngokwenzeka,” kuphetha uGwala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...